πŸ’›

izithakazelo

Tag: oertzen

Izinkondlo: Khala Nhliziyo Yami Uzithulise

Izinkondlo: Khala Nhliziyo yami uzithulise, 

Akusasizi ukukhala ngoba usethule,
Soze kwanginceda ukuqandula ngoba isidumbu sakhe sesiphumule,
Nomphefumulo wakhe usuphumile,
Yena owakithi usenyukele phezulu ku Mdali,
Phinde ngidlale naye,
Asoze ngambona ngamehlo enyama futhi,
Inyama yakhe angisophinde ngiyibone inyakaza futhi,
Noma amehlo ami engakhala igazi,
Akasoze wabuya,
Ngisho nembali iyabuna
Thula moya wami thula,

Izindlela zakhe bese zifike ekugcineni emphelandaba,
Isiqephu sakhe bese sifike esiphethweni,
Saye sagoqwa saphelela phambi kwamehlo ethu,
Noma izindlebe zami bezisalangazelela ukunambitha izwi lakhe,
Noma izinyawo zami bezisafisa ukunyathela naye izindlela ezininingi,
Mlomo wami bambelela ngezansi wehle ngobonda njengesicabucabu,
Yize busafuna uku qephuqephuza naye ngempilo yomhlaba,
Zandla zami ngiyanigeza asophinde nimunxawule futhi,
Mzimba wami lala ngenxeba awusophinde umengame futhi,
Mehlo ami ngicela nimubuke nimubhekisise,
Lapho nimubona okokugcina nimgcina,
Lapho abafowethu bemgcina endlini yakhe yokugcina,
Lapho ingane yakwethu ibeletha embelekweni yayo yokugcina,
Usehambile izinhloso zakhe seziphethiwe,
Thula moya wami mukhulule ahambe

Impela kugawuleke igatsha ebelisathi liyathela nje,
Lapha bekuseyimbalana ebisathi iyaqhakaza nje,
Nezinyosi bezingakaqali ukuzokwenana isikhutha nje,
Lapha bekusenamaphupho empumelelo ebesathi ayaqala ayafezeka,
Besise NgamPhuphu asakhula esidlekeni sikamama wethu,
Naye owasishiya sisanuka umswane walibangisa kwelamathongo,
Nawe ngane yakwethu usuyamulandela pho,
Manje sengisele ngiwuswana olulodwana nje,
Isingishiyile ingane yakwethu kuwukuphela kwayo,
Yehla zinyembezi zami ngikwesule,
Ngimubone okokugcina ngimgcine,
Thula moya wami thula

Inhliziyo yami igongobele ngaphakathi kwami,
Izinyembezi zami ziyageleza njengamanzi amdaka,
Amehlo ami omele ubhici njesihlahla esikhala inomfi,
Amanzi amnyama akhukhule kwezwakala,
Ithunzi elimnyama lingigubazele ngasal’ ehlane,
Ilanga lingishonele ezintabeni,
Ngasala ngedwana njengomtshingo owephukile,
Imvu ebengiluswe nayo ihlatshiwe,
Thula moya wami thula

Noma ngiwezwa amazwi endunduzo ezihlotsheni nakubo abangani,
Noma bengithumelele imiyalezo yokuma isibindi,
Kepha ngisakhihla isililo namanje,
Ngibuka igodi esebembele lona okuyilona elizofumbatha inyama namathambo akhe inguna phakade,
Ngiyalibuka ibhokisi lehla kancane kancane lingena emhlabathini lingesenakuvuleka ngimbone okokugcina,,
Lehla njengezinyembezi zami ezihlathini,
Ngiyamuzwa umfundisi esho uthuli othulini,
Ethi sinjengamanzi achithiweyo angasenakubuthwa,
Impela ziyazehlela izinyembezi zami,
Thula moya wami thula

Naba sebeletha ifosholo eligcwele umhlabathi phambi kwami,
Aphinde umfundisi uthuli othulini,
Umlotha emlotheni,
Lapha ngicaphune izinhlamvu zomhlabathi ngazefumbatha ngesandla sami sokudla,
Ze ngimuvalelise ngimembathise ngalo,
Lona lelihlabathi elizoba ingubo yomzimba wakhe inguna phakade.

Ngalo ngithi hamba kahle ngane yakwethu,
Sisele ngemuva nathi asikwazi lapho okhona,
Kepha sinamathemba okuthi uzohlala kahle,
Nathi siyeza lapho sisezithendeni zakho,
Uze wazi ukuthi uzohlala usentendeni yezinhliziyo zethu,
Imilando yakho izohlala isebhukwini yemicabango yethu nsuku zonke,
Asethembe ukuthi uyasizwa lapho okhona,
Ndlelanhle noma singakwenzelanga umphako wendlela kusenesikhathi,
Thula moya wami thula

Akekho obelwazi lolusuku,
Kepha thina esisasele asibheke ophezulu sibonge ukuthi sisaphila,
Nathi luyeza olwethu olungaziwa.
Sonke siyalandela kuleyo ndlela.
Thula moya wami thula.

Shabalala, Dubazane, Gumbi, Hlophe, Mhlungu, Ngobese

Tshabalala:

  • Mshengu,
  • Donga luka Mavuso,
  • Ngxabalala,
  • Chagwe,
  • Mayaba,
  • Mabhedla,
  • Thapho,
  • Thingisi,
  • Shevi,
  • Bhuqa,
  • Sayiwana,
  • Bhokwe,
  • Samanisi,
  • Mehlwempi,
  • Sagqubha,
  • Magudulela,
  • Ndleko,
  • Mnoniwa,
  • Phikindaba,
  • Nkosikayikho.

NB: Lapha amanye amagama awazange abe yizibongo.

Dubazane:

  • Mntungwa,
  • Mvelase,
  • Mbulazi

Gumbi:

  • Somkhanda,
  • Ndandali,
  • Mdakane,
  • Jele,
  • Mehlenkomo,
  • Ntini,
  • Mlotshwa

Jele:

Hlophe:

  • Samela,
  • Thumbeza,
  • Khala,
  • Myeni,
  • Mabhengu,
  • Nteshane,
  • Mnguni

Mhlungu:

  • Ndaba,
  • Mwelase,
  • Molase,
  • Vezi,
  • Masingasilele,
  • Gina,
  • Magadlela,
  • Mthiyane

Ngobese:

  • Mqungebe,
  • Khaba,
  • Xongo,
  • Sihayo,
  • Mehlokazulu,
  • Mkhumbikazulu,
  • Nonjini,
  • Gudlumkhonto,
  • Mdonswa,
  • Mlambo,
  • Bantungwa Abamnyama

Kheswa:

  • Nozulu,
  • Dlungwane,
  • Mnguni,
  • Mchumane,
  • Mpafana,
  • Mpangazitha

Popular people from Gumbi last name

Themba Gumbi (Technology)
Former Group Executive-Public Sector Business Development at Business Connexion Group Ltd., a leading South African IT services company. Holds undergraduate degree from University of Natal and MBA from University of South Africa. [citation:5]

Popular people from Hlophe last name

Nkululeko Vuyo Hlophe (Finance)
Senior Finance and Performance Manager and Head of Business Segment Controlling at Siemens Mobility GmbH, overseeing financial steering across rail infrastructure segments with collective revenue exceeding €4 billion. Leads digital finance transformation across UK, Middle East, Africa, and Asia-Pacific. One Young World ambassador and mentor promoting financial literacy. Holds executive MBA from Friedrich-Alexander University (Germany) and multiple accounting degrees from Unisa. [citation:3]

Popular people from Shabalala last name

Sibusiso Shabalala (Technology)
Founder and former CEO of Adapt IT Holdings Limited. With over 25 years IT experience, founded Adapt IT as black-owned SME and grew it into successful ICT business. Effected listing of Adapt IT onto JSE through merger with InfoWave Holdings in 2007. Served as CEO and Director from January 2008 until August 2021. Holds Bachelor of Commerce degree and postgraduate diploma in Financial Information Systems. Experienced in project management and implementation of Oracle applications across various African countries.

Royalty from Ngobese last name

Prince Wandile Ngobese (Zulu Royal Descendant)
Great-grandson of Mehlokazulu kaSihayo, a famous Zulu warrior who fought in the 1879 Battle of Isandlwana under King Cetshwayo. In 2025, he was invited to Tanzania by King Mgendela Gama of the Ngoni tribe to teach Zulu culture to the youth of the Ngoni people, who are descendants of King Zwangendabaβ€”a general who fled KwaZulu-Natal during King Shaka’s rule. He performed at the Bulabo Cultural Festival in Mwanza Province, where Tanzania’s President Samia Suluhu Hassan was so impressed she requested a photo with him. He had previously been hosted by Ngoni royals in Zambia, continuing the cultural connection between Zulu descendants across Southern Africa.

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén