izithakazelo

Tag: ratseane Page 12 of 20

Nkomo clan names, Meaning, Origin & History

Nkomo,

Yengwayo,

Mageza,

Lajani,

Vezi,

Phaphe,

Mahlabezulu,

Nkundlande,

Ngubeni,

Golela Nina enala ukudla umlenze wakwaBulawayo

Nathi ngumlenze wankomoni lo?

Ubungekho yini owezinkomo zakithi eNgome!

Nkomo ebomvu eyavula inqaba ngezimpndo kwelaseNgome

Bantwana benkosi

Mantungwa amahle

The follwing line was added by a guest contributor : “Isibongo sakwaNkomo sisodwa zwi, akulona iqiniso ukuthi kukhona oNkomo abaqhamuka eLesotho.”
(The owner of the blog could not verify this statement – please comment below if you are a Nkomo from Lesotho)

Izithakazelo zakwa Kunene

  • Kunene,
  • Madonsela,
  • Mtimande,
  • Lubambo lunye,
  • zingaba mbil’ufuz’ekhabonina,
  • Masango makhulu nawabantu nawezinkomo,
  • Nina bakwa Malambule,
  • Okwathi uMalambule ebanga noMswazi nathi, “Malambule phambili”!

Izithakazelo zakwa Khanyile

  • Khanyile,
  • Sothole,
  • S’tshopo,othi udl’inkomo kanti udl’impisi,
  • Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
  • Odl’isinkwa esinothotho,
  • Mahamba kancane Sogodi,
  • Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
  • Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
  • Ntunjwa kaLanga,
  • Mthiyane,
  • Ndwandwe,
  • Zikode, Mabhuqa,
  • Ngwane,
  • ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
  • Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

Khanyile clan praises with English translation:

Khanyile,
(Khanyile – the one who shines).

Sothole,
(Sothole).

S’tshopo, othi udl’inkomo kanti udl’impisi,
(S’tshopo – one who says he eats cattle yet eats hyena).

Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
(The one who strikes a person and sends them back to where they came from).

Odl’isinkwa esinothotho,
(The one who eats bread with porridge/soup).

Mahamba kancane Sogodi,
(Walks slowly, Sogodi).

Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
(The great horn that agreed and the men agreed).

Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
(The beautiful Shalashala that agrees to refuse).

Ntunjwa kaLanga,
(Ntunjwa, son of Langa).

Mthiyane,
(Mthiyane).

Ndwandwe,
(Ndwandwe).

Zikode, Mabhuqa,
(Zikode, Mabhuqa).

Ngwane,
(Ngwane).

ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
(Langa who did not have ears – if he had ears, he would have come with his mother).

Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!
(The heart that stayed/remained in the family/lineage, in the morning they picked it up the next day).

Izithakazelo zakwaNdlovu

Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!

Ndlovu clan praises with English translation:

Gatsheni,
(Gatsheni).

Boya benyathi, obusonga busombuluka,
(The fur/hair of the buffalo, that twists and untwists/unravels).

Mpongo kaZingelwayo,
(Mpongo, son of Zingelwayo).

Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
(You of Ndlovu who eats at home, because it lacks herders).

Zaze zeluswa intombi uDemazane,
(Until they were herded by the young girl Demazane).

Nina bakwaKhumbul’amagwala,
(You of Khumbula – the one who remembers the cowards).

Nina bakwaDemazane Ntombazana,
(You of Demazane Ntombazana – the young girl).

Nina bakwaS’hlangu sihle,
(You of the beautiful shield).

Mthiyane,
(Mthiyane – the one who curses/puts a spell on).

Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
(By cursing/putting spells on men at the water pools/wells).

Nina bakwaMdubusi!
(You of Mdubusi).

Page 12 of 20

© 2026