clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Shabalala Page 1 of 2

Joseph Shabalala 😍 AbakwaShabalala abavelele

Joseph Shabalala, born Bhekizizwe Joseph Siphatimandla Mxoveni Mshengu Bigboy Shabalala, was a South African singer and musician who was the founder and musical director of the choral group Ladysmith Black Mambazo. 

Lunga Shabalala 😍 AbakwaShabalala abavelele

Lunga Shabalala, is a South African actor, TV presenter and model. He rose to fame as a presenter on the SABC 1 entertainment and variety TV show, Selimathunzi. He got his first acting role on the soap opera The River, which he currently stars on.

Izithakazelo zakwa Shabalala 😍 Shabalala Clan Praises

Izithakazelo zakwaShabalala

Mshengu Shabalala
Nina bakwaHlongomvula
Ludonga lukaMavuso
Ninβ€Ÿ enaqedβ€Ÿ uBombo ngokuhlehletela
Nina bakwasidwaba sinothuli
Singabancwaba seza nomlandakazi
Nina benkonkoni yasemazwaneni
Nina baseSwazini
Nina bakaMswati
Umgxobela ziyawela
Zilibangise khona kwelakubo
KwelikaSobhuza
Laphβ€Ÿ inkaba nomsuka kukhona

Izithakazelo zakwa Mabizela

Izithakazelo zakwa Mabizela

Ubude abuphangwa

Ubude abuphangwa

lokhu kusho ukuth uma uyingane ungajaheli izinto zabantu abadala.

Linda nawe iskhath sakho soze sifike…siyafana nalesi esith ungaphangi umdaka izulu lingakani

Izithakazelo Zakwa-Shabalala

Izithakazelo Zakwa-Shabalala

Mshengu
Donga kuka Mavuso
Sidwaba silu Thuli
Ngxabalala
Chagwe
Noyaba
Mabhedla
Thapo
Thingisi
Shevi
Bhuqa
Sayiwana
Bhokwe
Samanisi
Mehlwempi
Nkosikayikho
Phikindaba
Magudulela
Sagqubha
Ndleko
Moniwa

Mabizela clan

Mabizela clan

MkholoΒ  onsundu nezinyawo zakhe,
Ndimande,
Mshengu,
Shabalala,
Donga laka mavuso!
Inyoni eyakhala ngamanqondo umlomo uhleli,
Ubele lwenduna nensikazi olwaqhamuka kwamhlangavula,
Lwathi umhlangavula udukile kanti umhlangavula ukhona,
Ugubh ‘olude olwakhal ‘entabeni lungashwayw ’emntu!

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwaMavuso

Izithakazelo zakwaMavuso

Mavuso!
Ludonga, Mshengu, Shabalala!
Ncele, Magudulela!
Vuso kaNgwane!
Ncele lekhohlo lase Mzimkhulu.
Wena owadela ukubusa wakhetha ukuba ngumfokazana, ematsaktolo kaladlungwane,
iVuso eladla umuntu asesiswini kwathi lo ongaphandle wasinda ngokuzibalekela, Mthimkhulu!
Guliwe KaNgwane!

Izithakazelo zakwa-Mabizela

Izithakazelo zakwa-Mabizela

Mshengu,
Shabalala,
Ndimande!

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: