clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: shaka

Did Shaka Zulu have children?

Ingabe iLembe uShaka kaSenzangakhona wayenazo izingane zakhe.

Kwesinye isikhathi abantu banokubuza umbuzo mayelana neLembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha ukuthi kungabe lalinalo yini izinyane?

Izazi-mlando zahlukene phakathi mayelana nalo-ludaba kodwa kuyavela ngomlando okhulunywayo ukuthi iLembe lalinayo indodana.

Yize kunamahlebezi okuthi iLembe lalingazifuni izingane ngangokuthi kuthiwa lalizibulala zisencane.

kodwa iyodwa eyake yazalwa yafihlwa okwakuthiwa nguMhlophekazi eyathi mayisikhulile yabaleka iguduza emahlathini yaze yabulala ibhubesi lapho eyafika khona yabayinkosi.

Abanye bathi uMhlophekazi wagcina ethathe uhambo waphelela khona komakhelwane laphaya eSwazini.

Sifisa ukuzwa uvo lwakho mayelana nesihloko sanamuhla.

Sibonge ukusiboleka indlebe. Uphinde ubuye futhi nangomuso.

Shingana kaMpande

Lona umntwana uShingana kaMpande. Wayethembeke kakhulu kumfowabo uCetshwayo kusukela empini yabantwana eNdondakusuka emeseke njalo. Nasempini yaseSandlwana wayehola ibutho elaliphethe umjojantana.

Kwala noma esekhotheme uCetshwayo wethembeka nakundodana uDinuzulu waze wayoboshwa abamhlophe ngenxa yokususa udushe empini yaseSandlwana. Wethembeka waze wakhothama ngo 1904, ekhothamela ekudingisweni eMntshezi abamhlophe. Wathi esegula wacela ukuthunwa lapho kwawela inkaba yakhe khona,eNdulinde kwelaseMandeni. Shingana kaMpande.

Izizwe ezabekwa isilo uShaka KaSenzangakhona

Into eyenza kubenokuphikisana okukhulu kangaka phakathi kwabaNguni wukuthi kunezizwe ezabekwa nguShaka. Ngingenza isibonelo ngoNqetho.

Emva kokuba us haka enqobe uPhakathwayo kwaQwabe, wabeka uNqetho ozalwa ezindlini ezincane kwaQwabe.

Ngenxa yolwazi olufishane ungathola abantu bakwaNqetho abanye bengasazi ukuthi bangaMaQwabe, abaNguni.

Uzwe umuntu ephika ukuthi bavela kwaGumede, Mnguni kaYeyeye kodwa angakwazi ukusho umlando wesibongo sakhe before uShaka.

Umlando kaYeyeye, Gumede, Mnguni,njll, usukela emuva kuIshmaela kaAbraham. Baningi asebaphuma kulolozalo bagcine nabo sebenomlando wabo ongasamfali uGumede noMnguni noQwabe.

Noma bengasabafaki labokhokho babo ezithakazelweni, lokho akuwuguquli umlando wokuthi bayinzalo yakhona. Esinye isbonelo ngesabantu bakwaZulu.

NgamaNguni oZulu kodwa abanye babo abasamfaki uGumede noMnguni yize bezalwa khona. Abanye babethi noma sebehlubukile noma bagxoshwa emndenini ngezizathu ezithize bangakulibali ukuqhubeka negama likaMnguni ongukhokho wabo.

Kukhona ngisho abayisende likaKhondlo kaQwabe(okungesiwo umlando omdala kakhulu), asebekulibele ukuthi baphumaphi. UKhondlo wayenabafazi abaningi kanye nezingane eziningi.

Esinye isibonelo ngabantu bakwaMzimela, kuvelaphi ukuthi uMnguni ovela olwandle? Uma uthi indabuko yabo bakhe eMpangeni, uyazi yin I ukuthi leyondawo (Ongoye) bekungeyakwaQwabe? Abantu baseMazimeleni babekwa nguShaka kuleyondawo ngoba ingasenamuntu. Abantu bakwaQwabe babeyishiye kudala, engakazalwa noShaka lowo, sebethuthela eMthandeni.

Nabo abaKwaQwabe, akusibona bonke abathuthela eMthandeni. Ngakho-ke ukuthi β€œuQwabe ovela eMthandeni” yisisho nje, not isthakazelo. Emthandeni yikoMkhulu labantu bakwaQwabe kulesikhathi samanje.

OGumede, Qwabe, Mnguni, abanamncele, lonke izwe ngelabo.

UMLANDO OMFISHANE WENKOSI uSHAKA ZULU

UMLANDO OMFISHANE WENKOSI uSHAKA ZULU

Related image
According to our sources, this is the only portrayal of king Shaka Zulu that survived history, however we could not get sufficient information to confirm its degree of his real life resemblance.

INkosi uShaka kaSenzangakhona kwakuyiNkosi yesizwe saMazulu yodumo ngokuthi uShaka Zulu.

  • INkosi uShaka yazalwa ngonyaka ka 1787 ngase Melmoth enyakatho yesifundazwe saKwazulu-Natal yakhothamangonyaka ka (1828) Kwadukuza eNingizimu yenyakatho,esingakusho kugcwale umlomo ukuthi uShaka uzalelwe esifundazweni saKwazulu-Natal.
  • uShaka waziwa kakhulu ngokuhlanganisa izizwe zamanguni zasenyakatho ikakhulukazi lezo zakwaMthethwa nezakwaNdwandwe wazifaka ngaphansi kombuholi nombuso waKwazulu,lokho kwakuwukuqala kwesizwe esinamandla nenqwaba yomthelela eNingizimu Afrika
  • Umlando umbiza ngokukhalipha kakhulu uShaka ngenxa yobuhlakani bakhe ekuthuthukiseni indlela amabutho aKwazulu ayelwa ngayo kodwa ke abuye futhi emgxeke kakhulu ngenxa yodlame nonya lombuso wakhe.
  • Ezinsukwini zobusha bakhe empini wayengaphansi kobuholi uDingiswayo kanye nesizwe sakwaMthethwa ,nokuyisizwe ngalesosikhathi isizwe saMazulu esisikhothama kuso.
  • Inkosi uShaka wayeyilunga lebutho lakwaMthethwa iminyaka eyishumi, kuthe kusenjalo wakhetha ukuzihlukanisa eningini ngokukhombisa isibindi empini,ikakhulukazi uma kuliwa ezixukwini lapho amabutho esondelene khona,ikhono lakhe labonwa umholi wesizwe sakwaMthethwa uDingiswayo.umholi uDingiswayo wamthanda kakhulu uShaka emuveni kokuthola ukuthi uzalwa ebukhosini, wamunika isikhundla sokuhola amabutho akhe ,uDingiswayo wayedingisiwe ngemuva kokuzama ukuketula umbuso kayise,ngesikhathi inkosi uSenzangakhona uyise kaShaka ekhothama,uSigujana umfowabo kaShaka omncane wagcotshwa njengeNkosi yesizwe saMazulu.
  • UBukhosi buka Sigujana abufikanga ndawo,umlando uthi iNkosi uShaka ngosizo lukaDingiswayo nomfowabo uNgwidi babopha uzungu lokubulala uSigujana,kwaba ukuqala kombuso wenkosi uShaka,nakuba eyinkosi waqhubeka nokuyamela kumholi wesizwe sakwaMthethwa uDingiswayo.
  • UShaka wavumela ondlebe zikhanya ilanga ukuthi bangene Kwazulu Natal okwadala omkhulu umsindo nezingxushungxushu.
  • Ngemuva kokukhothama kukaDingiswayo ebulewe nguZwide wesizwe samaNdwandwe ,inkosi uShaka yafuna ukuziphindiselela kuZwide.
  • Ngesikhathi iNkosi uShaka ikhothama ubukhosi bathathwa uDingane,umfowabo uDingane wathatha isihlalo sobukhosi waqala uhambo lokuqotha bonke ababeyizithenjwa zenkosi ushaka nokuwuhambo olwathatha iminyaka.

UKUGUJWA KWE HERITAGE DAY

  • Ukugujwa usuku lukaShaka oselwaziwa nge Heritage day,izinsizwa nezintombi zisuke zibhikla ingoma lize liyozilahla kunina njengoba kuzobe kwenzeka osukwini lwakusasa kwaDukuza.
  • Lolusuku Kwazulu Natal yilo okukhunjulwa ngalo amagalelo ka shaka ekuhlanganiseni isizwe samazulu.
  • Umhlaka 24 September wawungekho ohlwini lwamaholidi ayeshicilelwe ngaphansi komthetho ipublic holiday bill,nokwavusa imvunge kwiqembu Inkatha Freedom Party nelalinamalunga amaningi angaMazulu,ngalesosikhathi leliqembu lalishaya phansi ngonyawo lithi lolusuku kufanele lihlonishwe.
  • Ukubungazwa kwalolusuku kwagcina sekukapakatele nakwezinye izifundazwe,nalapho khona abantu bekhuthazwa ukuthi beqhakambise amasiko abo.
  • Cishe siyazi sonke ukuthi Amazulu yibona bantu abadume iafrika yonkana ngenxa yamabutho alwa impi agcine esatshwa isikhathi eside.
  • Sonke kusasa zingane zakwethu asiphumeni ngobuningi bethu siyogubha lolusuku Kwadukuza isilo samabandla uGoodwill Zwelithini uGangezwelakhe imbube isibizile sizohlanganyela ndawonye,Bayede Bayede Bayede wena wendlovu inkosi ayiqedwa abazi kangcono bathi okungapheli kuyahlola,ume njalo zulu.

General Standard–Royal Standard
1. Uhlanga
2. Muntu
3. Mnguni 1
4. Mithiyonke
5. Mnguni 2 ———-Mnguni
6. Nkosinkulu——–Nkosinkulu
7. Mdlani————–Mdlani
8. Gumede———–Luzumane
9. Nozimane———–Malandela
10. Malandela———Ntombela
11. Zulu—————–Zulu
12. Phunga———–Gumede
13. Mageba————-Phunga
14. (—–)————–Mageba
15. Ndaba
16. Jama
17. Senzangakhona
18. Sigujana, Shaka, Dingane
19. Mpande
20. Cetshwayo
21. Dinuzulu
22. Solomon Maphumzana
23. Cyprian Bhekuzulu
24. HM Goodwill Zwelithini

Ziyatholakala izikibha: 061 868 5163


Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: