clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Shamase Page 1 of 2

Izithakazelo zakwa Mncibi πŸ’™

Shamase,
Ndonga,
Kwala yenkosi!

Izithakazelo zakwa Nzima

Nzima Surname, Nzima Clan Names

Nzima,
Shamase,
Mawela,
Sbhuzi Esimqala Ngentamo,
Bhange,
Maqhoboza,
Ndimndwane Odlumkantsha,
Osihlangu Sibalele Njengelanga,
Izinkani Ezaphikwa Ngayizolo Kwasa Zabonakala,
Ndlamlenze,
Mwelase Ongaweli Ngezibulo Owela Ngezihlangela Zomfula,
Imbovane Eyadla Amabele Ezikhuthali !!!

Shamase Clan Names

Izithakazelo zakwa Shamase

Nzima,
Bongi,
Mawela,
Mfemba,
Mafingo!
Nina abase iweleni enawela ngelikhulu abafokazane bawela ngelincane besaba ukwemuka.
Wena dlozi lo muntu o mdala nyanda ye zulu, wena zinja zi ya bulwa nge ntwasa nyanga
Wena mhlathi nqcaphela ku nqcokolwa
Wena ka jojo odla eyedwa wena ka siphendukazana onje nga waka Ndlela, nina oDlamlenze dafosi mzondo wey’ntaba !

Izithakazelo zakwaShiba 😍 Shiba Clan

Izithakazelo zakwaShiba

Shiba,
Mkwanati,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,
Shamase,
Sontuyi,
Somkhele,
Lele, Khowa,
Mayanda,
Dlebhu wabeswazi,
Wena owagiya wamisa intamo, [this part may need correction]Mashukumbeya,
Mthendeleka,
Mtubatuba,
Wena owawulobolela amadoda,
Wena owathenga isitimela,
Ninemali nina bakhwanazi,
Veyane,
Mpandeyamadoda,
Malobisi

Ubude abuphangwa

Ubude abuphangwa

lokhu kusho ukuth uma uyingane ungajaheli izinto zabantu abadala.

Linda nawe iskhath sakho soze sifike…siyafana nalesi esith ungaphangi umdaka izulu lingakani

Izithakazelo zakwa Dlamlenze

Izithakazelo zakwa Dlamlenze

Shamase,
Nzima!

Izithakazelo zakwaMkhwanazi

Izithakazelo zakwaMkhwanazi

Spheshu,
Madubandlela,
Somlomoti,Sodilakazi,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,Shamase,

Izithakazelo zakwa-Gininda

Izithakazelo zakwa-Gininda

Nyembezi,
Shamase!

Izithakazelo zakwa Dlamlenze Clan Praises

Dlamlenze Surname Clan

Ndlamlenze,
Shamase,
Nzima,
Mawele squz’somlomvu,
wena owakwa hem’njengejele,
wena owalala nentombi ubsuku bonke kwaze kwasa ingalele bthongo,
wena owakwaNxula !!

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi

Spheshu,
Madubandlela,
Somlomoti,Sodilakazi,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,Shamase,

Mwelase,
Sontuli,
Somkhele,Lele,
Khowa,Mayanda,
Dlebhu wabeSwazi,
wena owagula wamis’intamo,
Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mtubatuba wena owawulobolela amadoda,
Wena owathenga istimela,
Ninemali nina Bakhwanazi,
Veyane,

Mpandeyamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa liyagwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto eSikhwebesini kwapheph’inkosi yamaNtungwa,
Owasingath’ihwahwa kodwa wangaledlulisel’mlonyeni,
Mgidla, Lomafu,
Nkwenkwezi,
Sikhumba kaMthethwa kaMantewane,
Gagisa!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mkhwanazi! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R200.00

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: