clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Shebi

Mavundla Clan πŸ’› Amavundla Clan History

Amavundla clan names & origin:

Amavundla bathi abadala ayisizukulwane sika Mbopha kaSithayi insila yenkosi uShaka eyabaleka kwelakwaZulu ibalekela ulaka lukaDingane emuva kokuba kade eyingxenye yabasocongi beSilo ehlohlwe uMkabayi noDingane.

Umbopha utholwe izinhloli zika Shaka ehlathini, eqhabuka elusuthu kuBafokeng ebaleka umfowabo omncane owayebanga naye uBukhosi. Uyise wabeka umfana omncane kuneNkosana isizwe sahlukana phakathi salwa, ekaMbopha yaxoshwa wabaleka esaba ukubulawa.

Uma uShaka esemtholile wamphenya wamqonda nokuthi wazi imithi yabesuthu, wamenza insila yakhe ephatha ukudla nemithi nesigodlo. Kwazulu uxoshisiwe ngezinkomo waganiselwa nezintombi eziningi.

Ubalekile wayocasha kaMthethwa uDingane wamlandela, wadlula waya eSimdlangentsha, wadlula ko Hlabisa, waya Mahlabathini, kwaBiyela eMkhumbane eXobho, eSouth Coast kepha akuqondakali ukuthi ithuna lakhe llikuphi.

Ekubalekeni kwakhe uzishintshe isibongo wathi ungu Mvundla ovundle izintaba nemifudlana ebeleka ulaka lukaDingane. Ningabe nisangibiza uMbopha anothi Mvundla uMbopha uvundle alapha. Inzalo yakhe ibihamba isakazeka yonke indawo.

Umbopha wayebizwa ngethole lomsuthu ewazi amakhambi. Isizwe sakwaMavundla sinobukhosi obubili kwaZulu nobunye e Herstel. Indlu ka Nonduku nendlu kaGamalakhe e Port Shepstone. Lesibongo sise Port Shepstone, Greytown, Mahlabathini-Ceza, Maphumulo, Bergville, Empangeni, Thekwini, Ndwedwe, Eastern Cape, njll.

Omvundla amakhosi okuqala oselwa eZingolweni nase Nsimbini emuva kwenzalo ka Henry Fynn owayekhonzwe u Shaka lapho bekhona. balwe izimpi eziningi ngesikhathi sikaShaka, balwe nama Chunu, abaThembu ekoloni.

By: Zwe Mavundla

Izithakazelo zakwa Mavundla

Mavundla

Mwelase

Mbova

Wena ka Snakanaka kaNtendeni

Hwayiza ka Nonduku

Mthimude kaMawewe

Zikalala

Shebi

Mwelase owagedl’umhlanga wawushiyelela,

Nzima

Mawela

Nhlanganiso

Mthimude

Wena wakwaGezamhlanga

Nina baka Nkomoningi

Nina bakwaJwana

Mwelase πŸ™ŒπŸ™ŒπŸ™Œ

OMavundla bakwaXhosa bona bathakazela ngokuthi

Bhayi

Khetshe

Gobhozi

Nxilashe

Msuthu ! πŸ™ŒπŸ™Œ

Izithakazelo zakwa ShebiShebi Clan

Shebi Clan Names
Mavundla
Mbikazi
Mawewe
Magogoda imbiza ingenatshwala

Izibongo zakwa Shebi

    Zikalala,
    Mthimude,
    Nonduko,
    Phasheni,
    Rwayiza,
    Gagalinamandl hlotsheni
    Snakanaka,
    Mthethwa,
    Vezi,
    Mwelase

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: