πŸ’›

izithakazelo

Tag: sigudla

SIGUDLA Clan Names & Family History | Umlando

Sigudla Clan Names, Meaning & History.

Sigudla surname info is currently not listed.

If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Masimula Clan (Meaning: ‘Descendant of Masimula’)

History: The surname Masimula is common among the Nguni-speaking peoples of Southern Africa, particularly the Zulu and Xhosa communities. It signifies a connection to the Masimula lineage, reflecting the rich cultural heritage of the Nguni-speaking communities. The name is prevalent in South Africa, especially in KwaZulu-Natal and Eastern Cape provinces. Notable individuals with this surname include:

  • Thulani Masimula: South African footballer known for his skills as a midfielder.

Izithakazelo zakwa Masimula no Mlando

Isibongo sakwa Masimula sihlukene kane lapha kwaZulu, kukhona abakwa Masimula abahlubuka kwa Vezi, kube khona abahlubuka kwa Mnguni, kube khona abahlubuka kwa Mbonani kuphinde kube khona abahlubuka kwizibongo noma kwizizwe ezahlukene bahlangana ndawonye basibongo sinye.

Labo abaphuma kwa Vezi nabaphuma Kwa Mnguni bakhonza kwaZulu kanye nezizwe zoyise mkhulu, ngalokho baba ngamaZulu, kwathi labo abaphuma kwaMbonani, iningi labo banyukela ngase nyakatho nempumalanga, abanye bazinza kwaNdebele abanye baye bazinza KaNgwane (Eswatini), ,iningi lalabo namuhla bangamaNdebele nama Swati. Ebese labo abahlubuka kwizizwe ezahlukene, kukhona kubona idlanzana elehlela ngaseningizimu nentshonalanga, laye layozinza ezizweni zamaXhosa, amaMpondo nabaThembu kepha iningi lahlala kwaZulu ngemva kweMfecane.

Isibongo sakwa Masimula kwasona sisukela egameni elisho ukuhlubuka vele, ukusimula kusho ukuhlubuka kwengxenye yento kwenye into enkulu, kungaba isibongo, isizwe nokunye, ikakhulukazi uma leyonto ibe namandla okulingana noma okudlula lento ephuma noma ehlubuka kuyo. Leligamake kodwa lalivame ukusetshenziswa kakhulu lapho kuhlubuka khona isizwe sihlubuka kwesinye, lento amangisi ayibiza ngokuthi i seccession ngolimi lwabo, ngakho kwakuvamile ukuthi uma isizwe sihlukana phakathi, laba abahlubukayo bavele bazibize ngo Masimula ukucacisa ukuzimela kwabo emva kokuhlubuka, ikakhulukazi uma isizwe abaphuma kuso sikhombisa ukungamukeli kahle ukuhlubuka noma ukuphuma kwabo kuso.

Izithakazelo zakwa Masimula nazo zihlukene kane njengesibongo, kepha muva nje seziqala ukuxubeka kwazona njengoba abantu bakwa Masimula bebumbana kungathi yinto eyodwa nanoma ikuphi la behlangana khona.

Ezinye zezithakazelo zo Masimula abaphuma kwa Vezi yilezi:

Masimula! Vezi, Mthiyane, Bangela, Gusundwane, zobhi zamahlathi, ntuntwane zikhwela ngothi, ziludwendwe zibheke kamashobane, nina bakaMngcanjana kuvele Mungcanjane, nina bakansimi eyavuma emngceleni yaze yavuma ngisho esinyikithini, nina bakamugxala kawungeni uyathantalaza, nina bakaChaphane manzana ngokuwela imifula nemifudlane, nina bakakhweya abantu entabeni, bathi niyofa nini banisike izihlangu abafo nabafokaze, nina enibuya lakungabuyi khona muntu, nina eniphuza kwezinde iziziba.

Ezinye zezithakazelo zo Masimula abaphuma kwa Mnguni yilezi:

Masimula! Mnguni, Ngabade, Boyana, Biyela, Nkomo, Mhlophe, Chinswayo, Zambule, Mgabhi wena owagabha ngamashoba amabili ezinkomo abanye begabha ngezandla, wena owabamba impi esandlwane kwakhala abafo nabafokazane babuya bethwele imikhono ekhanda behhemuzela!

Ezinye zezithakazelo zo Masimula abaphuma kwa Mbonani yilezi:

Masimula! Mbonani, Mgidi, Mlotshwa, ngulube azembelani, engembelenye iyaquba, umakhonza akhonzele futhi abanye bekhonza bagoduke , umfazi wamabele amade wamunyisa ngaphethsheya komlambo, iligwa nelingwana ,Mgidi wako Dumako ,Mlamuli wakoMagwabo ,ngowalamul’ inkunzembili zisilwa, yindumandumane eyadum’ ezizweni, bathi uMlotshwa ngwakuphi na? nguMlotshwa wako Zingelwako, abamfunako abamkereyi,bamkereya ngokumlalamela,ngulekere wako Dzubha.

Ezinye zezithakazelo zo Masimula abasungula isizwe besuka kwizizwe ezahlukene:

Masimula! Nkosinkulu, Somiphe, Nonginqi, sungula bukhosi, ziko livutha amalangabi, lothiwa zinhlanga zonke, wena wasolakeni, olaka lwakhe kalubandlululi, ludla sthende ludle khakhayi, ngelemane babethi bayayisiphula kanti bayayisimula, bayithela ngamafutha empepho, bethi bayisingisela emuva kanti bayingisela phambili !!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén