If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Tag: skhaolelo Page 1 of 2
if you know its Meaning, Clans or History, please add it by clicking the button or make a comment below.
+ Add surname info
Isiduko sakwa Isiduko
Ifani zakwa Isiduko
Isiduko Clan Names & History
Isiduko surname is currently not listed. If you know Isiduko clans or Isiduko meaning, please add it by clicking the button below or by making a comment.
+ ADD CLAN NAMESUNcanini uXolo owabe enguNcane wakwaXolo. Kwatheka emaNcaneni kwagcina sekuwuNcanini.
UNcane wabe ezalwa kwaXolo nowake wazama ukuba yiNkosi wangaphumeleli wabe esekhishelwa eceleni ukuthi ayohlala khona nabantu bakhe basemaNcaneni kodwa izithakazelo azizange zishintshe.
UXolo omunye wabzukulu beNkosi uSabelo owabe ebusa isizwe sabeSuthu baKwaMjantshi Modjadji endaweni yaseSidumbeni nokuyilapho idlinza lakhe likhona nasezintabeni zaKwaMasangwana phakathi koMvoti neNonoti.
Baze bafike lapho nje ngokwendabuko yabo baphuma esizweni sabaLobedu/Lozwi esabe sizinze lapho namuhla kuthiwa kuseZimbabwe.
Basuka khona ngenxa yombango lapho ubukhosi base buwela ezandleni zowesimame uNkosaZane Modjadi.UKhokholozi wabo ogama lakhe kunguHohoho waxwebuka nabamlandelayo ekhala ngokuthi ngeke yena akhothame kumuntu wesifazane.
UHohoho waphelela lapho esekuseMpumalanga khona namuhla.UHohoho walandelwa iHenge kwalandela uMzilikazi,Mthonga, Dabuketsheni kwase kuba uSabelo owazala uNtamonde noNsetha okuyibona abazala amakhosi ethu oXolo.
Thina singabo:
Ndondo ebizayo
Sitshana esibanzana kwaMasangwana
Esibangela ukuguga
Esidlela ngosizana abanye besutha
SingaboXolo abamnyama ngankomo zabo inhlanhla lubobo
Xolo
Mthusi
Dunywa kaNontsuntsha
Msuthu kaNtamonde
Nqumako
Nkungwende esuka phansi
Iyobambelela ezulwini
Sind’elimqhosha enhla nengalo
Elehlula’amadoda ukulikhwishilila
Mbambi
Phathwa.
Leave a Reply