If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Tag: thlabatau
- Ndunakazi
- Nophiko
- Mgezane
- Mangena ngezith emzini weny ndoda
- Nsondo
- Mageza ngobisi amanzi ekhona
Okwengezwe omunye obekade evakashele lelikhasi:
Ndunakazi,
Nophiko,
Nonkula ngamazwi,
Nombungazela,
Mbuyazi,
Mbonambi,
Nsondo,
Gubewu,
Mangena ngezitho emzini wamadoda,
Ndluyeya,
Mgezane,Mageza ngobisi abanye begeza ngamazolo!!
Ngokomlando engawuxoxelwa gogo wami u Bhejinkani owayegane u Mavikazishintshe uyise Mkhulu wami ozala ubaba uthi
“Isibongo sakwa ndunakazi isibongo esadabuka esibongweni sakwa Mbonambi lapho khona usisi nobhuti ababezalwa omama abahlukene emndenini abalalana kwaba ichilo kakhulu esizweni sonke sakwa Mbonambi baxoshwa bawela Icubhu okanye ichweba yasecubhu eSkhawini bayokwakha khona bobabili indodakazi nomfowabo babe sebezipha isibongo Uma bebuzwa endaweni ukuthi bangobani bathi u Ndunakazi ngoba babexoshiwe kwa Mbonambi ngenxa Yokuduna ekhaya. Owokuqala kwa Ndunakazi kwaba umkhulu u Mthenteni wakwa Ndunakazi e Mpembeni, okuyingakho kwaNdunakazi lihlonishwa igama elithi iMthente ngoba ugulu wethu Waye ngu Mthenteni ongasekho.
Lesibongo sesisabalele kakhulu kwakuyisibongo esincane namhlanje sisabalele indawo zonke okubalwa kuzo
MPEMBENI, SIKHAWINI, DONDOTHA,MAPHUMULO,NDLANGUBO, MANDENI, ESHOWE,NTENESHANE, ETHEKWINI, nezinye izindawo eziningi.
Ngiyabonga konophiko besazofaka nabo abakwaziyo nabakuzwa π
Leave a Reply