clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Thwala

Izithakazela Zakwa Thwala

Mnyamande, Malindisa, Nkundlande, Siwela, Skhandise Samakhosi, Motha
Ngalonde Eyakha Kwezind’Inkalo. Nhlangothi Zimanxebanxeba, Mlamulankuzi Ongaziyeki Zibulalane.
Mafuyankabi, Lukhambule, Mazala Nkosi, Nina Enazala uMswati wesithathu.
Mkhontfo Lodvume njengelitulu( Mkhonto Odume Njengezulu)
Nzilagazi Eshaya Abangaphambili Abangemuva Baziwele.
Wena Owalindisa Intombi wathi zingabudli ububende Basemzini.
Nongombili, Nyembe, Nogwaja Ozikhundlakhundla
Fulakhe, Mangqela, Thekwane, Nyoni YaseSwazini.
Nzimakazi engenazimpondo ingaba nezimpondo iyahlaba.

Inkosi Ayiqedwa..Khumu
Yimi uSandiso KaGoqa KaNyamane KaMahusha eJozini

Izithakazelo zakwa Thwala/Tfwala

Izithakazelo zabo ngokujwayelekile:

Mnyamande
Swazi
Mkhonto oduma njengezulu
Inzimakazi engenampondo ingaba nezimpondo iyahlaba
Siwela
Thwala loMzimkhulu
Bhijela wamaMbane
Malindisa

Abanye bazithakazela kanje:

Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont’oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand’amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!

Ezinye zihamba kanje:

Thwala/Tfwala
Mnyamandze,
Shivakati,
Wena wakaSiwela, owawela umfula ngesilulu,
Skhandzisa saMakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mkhonto odumama njengezulu,
Inzimakazi engenazimpondo, ingaba nezimpondo iyahlaba,
Ithala lomkhonto lisemanyamandzeni,
Nhlangotsi zimanxebanxeba, wena kamlamulankunzi ungaziyeki zibulalane.
Mnyango kawuvalwa uvalwa ngemakhanda emadoda,
Ntshivakati engenampondo,
Bhijela wamambane,
Gemane kasiwela,
Nzilagazi.

Izibongo zakwa Motha

Motha

Elisuka muva likholwa izagila

Yini le ekholwa izagila, hlaziya.

Ithendele! Uma ulokhu uthandabuza kube kumele wenze isinqumo…. uzidonsela amanzi ngomsele!

Izithakazelo Zakwa-Thwala

Izithakazelo Zakwa-Thwala

Thwala!
Msani!
Mtimande, Kunene, Majoka, Nxaba, Mbhekane, Madluvalo, Mthantathwa, Mnguni, Nonqewu,
Mgobhozi, Ntetha, Vangisa,
Mvuna, Mageza Ngobisi…
Mqadi
Mbuyisa, Hlobose, Nobela,
Sosingathi, Jakaja…
Mpofana
Ntombela, Zulu…
Mpanza
Thabekhulu, Sandanezwe, Nongalo,
Mavundla, Siwela, Dubandlela,
Soyikasi, Mzingane, Donda…
Motha
Mvulane, Nyamande, Thwala

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Msani

  • Mtimande,
  • Kunene,
  • Majoka,
  • Nxaba,
  • Mbhekane,
  • Madluvalo,
  • Mthantathwa,
  • Mnguni,
  • Nonqewu,
  • Mgobhozi,
  • Ntetha,
  • Vangisa,
  • Mvuna,
  • Mageza Ngobisi !!!

Mqadi

  • Mbuyisa,
  • Hlobose,
  • Nobela,
  • Sosingathi,
  • Jakaja

Mpofana
Ntombela, Zulu…

Mpanza

  • Thabekhulu,
  • Sandanezwe,
  • Nongalo,
  • Mavundla,
  • Siwela,
  • Dubandlela,
  • Soyikasi,
  • Mzingane,
  • Donda.

Motha

  • Mvulane,
  • Nyamande,
  • Thwala.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: