πŸ’›

izithakazelo

Tag: tobit Page 2 of 8

Ukupha isihambi ukuzibekela INCAZELO

Ukupha isihambi ukuzibekela: Uma upha umuntu oyisihambi usuke uzibekela ngoba kothi nawe mhlazane unohambo olude, uthuke uzithele phezu kwalowo owamupha bese naye eyakupha.

Enye incazelo: Ubohamba kahle lapho uhamba khona ngoba ngelinye ilanga kungenzeka uphinde uhambe futhi.

Isisu somhambi asingakanani INCAZELO

Isisu somhambi asingakanani: Kusho ukuthi umuntu oyisihambi uyaneliswa noma yikuphi ukudla omnika khona.

Unyawo alunampumulo INCAZELO

Unyawo alunampumulo: Kusho ukuthi ungalwa nomuntu uze uqiniseke ukuthi ngeke usambona futhi kanti ngelinye ilanga uzothuka sewuziphonsa phezu kwakhe lowo muntu.

Abake babonana babuye babonane INCAZELO

Abake babonana babuye babonane: Kusho ukuthi umuntu owake wambona usayophinde umbone futhi.

Page 2 of 8

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén