Inyathi ibuzwa kwabaphambili : Kusho ukuthi abantwana umthetho bawuthola kwabadala.
Tag: tobit Page 3 of 8
Indlela ibuzwa kwabaphambili: Kusho ukuthi izimfanelo zokuphila kulomhlaba umuntu uzithola kwabadala.
Okwahlula amadoda kuyabikwa: Kusho ukuthi into uma isihlule ibandla kuyabatshazwa.
Idla ngokuqina: Kusho ukuthi umuntu ukuze aphumelele usizwa amasu akhe.