πŸ’›

izithakazelo

Tag: todhlana

Izithakazelo zaka Nkwanyana Clan Names

Nkwanyana yena omphofu.
Yena onethanga. yena owabugcuza. Onethanga elikhalisa abantwana

Nkwanyana Clan Names, Meaning, Origin & History

Nkwanyana : If you know Nkwanyana or their history, please add it by leaving a REPLY below or by clicking this button + ADD CLAN NAMES

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Iqhina liphume embizeni

Iqhina liphume embizeni

kusho ukuphunyuka kwento/umuntu okade esebanjiwe

iqhina uhlobo oluthile lwenyamazane

imbiza lana kusuke kukhulunywa ngabantu abasuke belikakele bavula iskhala sokuth liphume khona bazolishaya kahle lona nje livele lingaphumi lapho lithole enye indawo libaleke.

Izithakazelo Zakwa Nkwanyana

Izithakazelo Zakwa Nkwanyana

Zikode!
donda
makhanda!
myekwa bethathwa
makhanda kanqayi
mthayi kansele
menzankosi
wena owakha ongiyane besilo

nceku enhle!
nceku yesilo umpande
gabadela!
owagabadela izingwe zongoye
madela mhlambi yezinkomo zabanumzane endle.
mbeng’ osinda ‘bosi,
mbeng’ owawela ongoye

wena wo-suthu lwasenhla
mqabula nkungu kwanodwengu kwavel’ ilanga
langa elaphuma ongoye
mangwe amahle
mlwandle!
zingwe eziphuza kwesijulile isiziba
ngokukholwa wulwandle,

mathula kuhletshwa!
bathi ngundlebe kazizwa
kanti uthule ngabomu
zetshisa umbiko kazulu
odumise okwezulu lihlomile
ngomlomo ka zulu ongathethi manga
sobahle
soshibe ka dangazela
nzim’ elimnyama

wena kab’thikazi
wena kathubelez’ inyang’ isemafini
wena kanodel’ imiyalo
buhle busezindiyeni zamehlo
Nkwanyana!

Page 2 of 2

Β© 2026