πŸ’›

izithakazelo

Tag: tretheway

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwaMngadi Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMngadiΒ  πŸ’›πŸ’›

Ngema,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni! πŸ™Œ

Abanye bazazi kanje:
Ngema,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji, Vezi
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni!
Madlokovu
Owadlokovula imifula, bethi imifula yenile!
Igcwele izingwenya nezingonyama,
Madlokovu eseMphungandlu eMthonjaneni! πŸ™Œ

She and her family survived the attack, their story preserved in the historical record of apartheid-era human rights abuses.

Izithakazelo zakwaNene Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaNene:

Sthenjwa,
Vezi,
Nqoyi, Mngadi,
Ngema, Madlokovu wena waseNgweni,
Ntusi yenkomo,
Goda elimnyama elihamba libahila amanqina namaqakala,
wena wasemfule,
Sithuli sasengweni esingasho lutho kumuntu,
Mathanga akahlangani ahlangana uma ebona umyeni,
Mashiya amahle ngathi azoshumayela,
Madlokovu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyanela!

Correction from Linda Nene:

“Ake silungise kulezi zakwa Nene. uMashiya amahle ngathi uzoshumayela, kwenzeke iphutha lapho (o’Ngcobo labo).

Thina singo “Mashiya amahle ngathi awe nyamazane” noma ke abanye bakwaNene bengazivumi lezi.. kufana noNdiyaza kuthiwa abakwaNene nabo umlando awubafaki bona.
Ngiyabonga.” – Linda Nene

Izithakazelo zakwaNene with English translation:

Sthenjwa,
(Sthenjwa – the one who is trusted).

Vezi,
(Vezi).

Nqoyi, Mngadi,
(Nqoyi, Mngadi).

Ngema, Madlokovu wena waseNgweni,
(Ngema, Madlokovu – you of Ngweni).

Ntusi yenkomo,
(The dampness/moisture of the cow).

Goda elimnyama elihamba libahila amanqina namaqakala,
(The black Goda that walks and wraps/twines around the ankles and shins).

wena wasemfule,
(You of the river/stream).

Sithuli sasengweni esingasho lutho kumuntu,
(The quiet/calm one at the kraal who says nothing to anyone).

Mathanga akahlangani ahlangana uma ebona umyeni,
(The thighs that do not meet, but meet when they see the husband).

Mashiya amahle ngathi azoshumayela,
(The beautiful shields as if they will preach).

Madlokovu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyanela!
(Madlokovu – how great are you? because even in the palm of the hand you are sufficient/fits).

Page 2 of 2

Β© 2026