izithakazelo

Tag: tsokela Page 23 of 31

Zulu Poetry 😍 Izinkondlo: UKUZE UQONDE

UKUZE UQONDE
Ukuba yijazi
Ukuba yisigqila
Ukuba yisitebhisi
Ukuba yisilahlwa
Ukuze ukuqonde
Yiba nokukhubazekaUkuba umbele wemali
Wezikhungo zabakhubazekile
Ubhinde ubeyibhange
Lezisebenzi zikahulumeni
Ubuye ube ucansi lezinyawo
Izinyawo zeziqumama
Sezifinya ngendololwane
Ukuze ukuqonde
Yiba okukhubazekaUcele usizo ubusuku nemini
Akukho namunye osabelayo
Kuhulumeni nasemiphakathini
Bonke bayaqinisekisa
Baqinisekis’ukungabaluleki kwakho
Kwawena uzizwe ungelutho
Kodwa ukuze ukuqonde
Yiba nokukhubazeka

Ukubandlululwa sekwaba yinsakavukela
Ukubukelwa phansi
Abantu babon’ukukhubazeka
Bangamboni umuntu
Kodwa ukuze ukuqonde
Yiba nokukhubazeka

Zulu Poetry 😍 Izinkondlo: NGOLOKHU NGISHILO

NGOLOKHU NGISHILO
Sibabazile koma amathe
Umuntu wonke uphenduke isinkwa
Siphithizeliza okwezimpethu
Isililo siqhuma phezulu
Sithandaza kuphele umthandazo
Isiphetho kube ukundwaza
Kodwa ngolokhu ngishilo . . .Zikhukhula ndini nifike nonya
Anangasinika thuba nakucabanga
Kwakhalwa ubumayemaye
Yemuk’imizi yabafowethu
Yaphuma imiphefumulo
Izinhliziyo zagobhoza igazi
Sasala sikhungathekile

Izingozi ziseluhlaza cwe
Fikiyane udlame
Udlame nalo olwashaya laqothula
Zalala zilekanyana izidumbu
Imizi yaphenduka amakloba omlilo
Amanxiwa aphenduka amadlelo
Amawa aphenduka amakhaya

Khona manje kuxhuphuzel’isisu
Abantu baphenduk’izilwane uqobo
Kudlwengulwa zaguga
Kudlwengulwa zingane
Kudlwengulwa zilwane
Sesahlala sibambe umoya
Kodwa ngolokhu ngishilo . . .

Bumnandi bomhlaba sewashabalala
Nang’umashayabhuqe uhlasele
Ukhiqiza izintandane imihla ngemihla
Izintandane ezingenamhlaba
Izintandane ezokhula nozozo
Izintandane eziyokhula nemibuzo
Imibuzo eyobe ingenazimpendulo
Kuphela ziyobe zembethe ububha
Nokuhlala zibhodla umlilo

Ngifikelwa ukwesaba nokuthuthumela
Umhlaba usuyisihogo uqobo lwaso
Izimanga ziqeda ukwazi nokuqonda
Izimanga ziqeda uthando
Zitshale inzondo nobulwane
Amandla okuzama aphelile
Amandla okucabanga aphelile
Kodwa ngolokhu ngishilo
Osaphila ufa kancane, kancane, kancane

Zulu Poetry 😍 Izinkondlo : Isela

ISELA
Lashintsh’izulu
Lagqunqa laba mnyama suce
Lahloma kwaxhuphuzel’isisu
Ngantanta endlini, ngaphuma ngangenaLaphons’imibani yadedelana
Lasho layidedel’imvula
Kwageleza amanzi kwagcwal’izihosha
Kwaphethuk’iziphethu yonk’indawo

Lwangithi heqe uvalo
Kulomhlaba awusaqondi nqindi nasibhakela
Isela lifika noma kanjani, nanini
Sesahlala sithuthumela sithuka izanya

Zulu Poetry 😍 Izinkondlo

IMBONO YASEKUDINGISWENI
Sabe sesihlala ezihlabathini ogwini lolwandle
Sabe sesibuka ukuwa nokuphakama kwamagagasi
Sabe sesilalela ukudlalisana kwezinyoni
Kona kwasekunjengako okwemimoya yethu
Yona inyoni’enkulu sayibona isiyikhwela intambama
Isikhwel’emafini amnyama isigoduka
Nathi laba sase sithubeleza ebusuku
Sesifumbethe imicabango ngekhaya lethu
Lona lase lisibiza lisibiza njalo kude eNingizimu

Page 23 of 31

© 2026