πŸ’›

izithakazelo

Tag: weidenbruck Page 26 of 327

Izithakazelo zakwa Lehlehla

Please Help Me Find Izithakazelo Ya Lehlehla

Izithakazelo zakwa Lusenga

Ngicela izithakazelo zakwa lusenga

Izithakazelo zakwa Menyuka Clans & History

Menyuka,
Malambule, Godlamkhonto,
Salakwakwa, Sidlaka, Nkonono Wena ka Tikilimba,
Wena ka Phathinduku!

Umlando kaSibambo. Izithakazelo Sibambo

izithakazelo zakwaSibambo
Sibambo
Masinga
Bhaka hhofu
Mabanda ngesika kuNkindwane
Umoni wendlela ngonyawo
Malandela
Mkhombi wendlela
Wena okwaphambana izindlela kwangaphambana ikhanda
Wena owabulawa ngekhofi
Abafokazane bekufela umona
Ngenxa yezibusiso

USibambo lona wayenguMasinga ngokuzalwa. Babezelwe bebabili bengamadodana eNkosi uMabhudu Masinga, okwathi ngonyaka okwafika ngawo amaPortuguese, efika ngemikhumbi ezweni lakhe afika amthungatha, ehamba ebuza, kwaze kwafika ezindlebeni zakhe, wasekhetha ukufihla amadodana akhe kwezizwe ezakhelene naye. Eyodwa yawelela empumalanga kolwandle yayocasha ezweni likaTembe, enye eningizimu yolwandle. UMasinga owayecashe ezweni lakoTembe waselethwa isibongo esisha uSibambo kuyisibongo sokucashela amaPortuguese.

Page 26 of 327

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén