πŸ’›

izithakazelo

Tag: wynkwardt Page 3 of 4

Bhane Clan Names , Bhane Surname

Jiliza, Shongweni, Chonco, Gambushe, Thombela, Nkonyane, Qobodwane , Gawula uhluma, Somdibela, Bhala luka dudu, Chenge, Izintombi azithandi thina zithanda abanjani.

Admin notes: we have a guest who added this version below:

BHALA _BHANE_BANE-BANI

Uqobodwane usomdibela
Umuthi uyagawulwa utahluma.
Inkosi kayingithandi, ithanda abanjani?

Shongweni-Jiliza-Chenge
Bhala Kadududu

Umhlanga olala intakazane,
UMlamula nkuzi ziyabulalana
Ziyeki zihambe, siyozitgenga ngecuba.

Inyoka eyagijima esizibeni.
Yawelela phesheya,
Ibaleka impi yakwaXhosa,
KwaThombela

Please update the Clan Names for Bhala-Bhane_Bane_Bani mentioned above.

Izibongo zakwa Chonco

  • Gambushe,
  • Shayimamba,
  • Mfomubi,
  • Nyongande!

Cindezela lapha ukwenza i-order ngo-Whatsapp

Izithakazelo ZakwaChonco Clan Names

Chonco Gambushe Shayimamba Mfomubi Helekeqe eladla elinye ihelekeqe mbese obukhali Ntabenkulu enamaguma ngaphezulu Nina enabaleka naze nayo fika eMampondweni nixoshwa yimpi nafika khona Nathi kanisibona bakwaChonco kodwa ningabakwaGambushe.
Cindezela lapha ukwenza i-order ngo-Whatsapp

Mbanjwa Khathini clan & History

Izithakazelo zakwa-Mbanjwa:

Sokhela,

Nyon’emyama,

Eyabizwa ngekhwela yasabela yathi tshiyo,

Gqabela kavezi,

Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,

Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,

Mpazela,

Sisho wena nkanyezi yezulu,

Mzekwa,

Galaza,

Magujwa,

Dindela!

Page 3 of 4

Β© 2026