πŸ’›

izithakazelo

Tag: zechariah Page 5 of 10

Uyini Umembeso?

Umembeso wenziwa insizwa esuke isiganiwe lapho isuke ihambisa izipho ekhweni layo.
Izipho lezi zisuke zibhekiswe kubazali bentombi kanye nasemndenini wayo. Umkhwenyana ubhala incwadi ayithumele ekhweni ukubazisa ngosuku azofika ngalo ukuzoletha lezozipho.
Ngosuku lomembeso abakubo kwentombi bahlaba izimbuzi ezibizwa ngokuthi amakhambi lezizimbuzi kuhlatshiswa ngazo abakubo kamkhwenyana basuke bamukelwa umndeni wakubo kamakoti.

Abakubo kamkhwenyana bambesa umakoti wabo bamuphe nezipho ezinhle kanye nomakotshana wakhe. Baphinde bambathise umama nezihlobo zikamakoti ngezingubo zokulala, amaphinifa, amaduku, izitsha, amabhodwe nezinto zetiye. Ubaba kamakoti yena umbathiswa ngejazi, isigqoko, isambulela kanye nemvubu.

Ngosuku lomembeso umkhongi uyamukhehla umakoti. Ukukhehla yilapho umkhongi usuke enikeza umakoti izipho emgcoba nensoyi ngoba usuke esezoshada. Lokhu kuyisiko nje kunoma imuphi umkhongi uma ekhonga.

Umemulo Wentombi Nto!

Umemulo wentombi nto

Uma intombi nto yenzelwa umemulo kuthi ngesikhathi izokwenzelwa umemulo kufanele iphume nezinye izintombi ezisagcwele ihambe iwoyiza ebuntombini bazo. Uma kuwoyizwa, intombi leyo uzowoyizela ezihlobeni zayo lapho isuke ibamema ukuthi bafike kumemulo wayo. Intombi le esuke yenzelwa umemulo isuke igcobe ibomvu ebusweni. Lapho usuke iwoyiza nomakotshana wayo. Kuzothi ingaqeda ukuwoyiza kanye nezintombi lezo ebeziyiphelezela iyahamba iyolanda umkhonto komalume bayo. Kodwa uma ukuthi iyalotsholwa izohamba iyolanda umkhonto wayo emzini. Kuzothi ingabuya komalume kuhlatshwe imbuzi yokuguqa. Lembuzi ihlatshwa ngoMsombuluko lapho intombi ayisezukuphuma endlini. Uma kukhona ekudingayo izolethelwa umakhotshana wayo. Ngenkathi isuke ihlezi endlini usuke igcobe ibomvu.

Kuyothi ngosuku lweSabatha ntambama, seliphelile iSabatha bese kuhlatshwa inkomo. Kudliwe inyama yangaphakathi. Ekuseni izintombi ziyahamba ziyogeza ibomvu emfuleni esuke iligcobe ngesikhathi isuke igoyile. Zizothi zingabuya zihambe izintombi ziyogqoka imvunulo yazo. Nayo intombi leyo eyenzelwa umemulo iyavunula bese ifakwa nomhlwehlwe wayo izobe isihamba iyosina esigcawini.

Uma kwenzeka kanti kukhona intombi engaphelele yayikhishiswa inkomo kuqala kaZulu kanti ekuPhakameni, intombi ifakwa isiphandla sayo inkomo ehlatshiwe. Ziyahamba ziyogezwa emfuleni izintombi zibuye zifake iziphandla zazo. Uma intombi izazi ukuthi ayisiyona intombi ayiwufaki nhlobo umhlwehlwe. Ngoba uma umuntu efihlile kubonakala umhlwehlwe uyadabuka kanti kuqala kwakubonakala ngezalukazi zikhwifa phansi inyama. Zithi sawudla udoti ngoba bathi inyama iyazwakala.

Uma sekuyisikhathi sokusina esigcawini akufanele ime iqonde kumele igobe futhi ingababheki abantu.Β  Ngenkathi isisina imkhonto igwaza phansi eduze kwezihlobo zayo zakomalume. Uma kungabasemzini izogwaza phambi kwabo lapho kusuke kumele ukuthi bayikhunge. Uma imali bengenayo kumele bayihlome noma isipeletu. Ngenkathi kusinwa kusuke sekukhona izinsizwa sezizobheka ukuthi zingabathola yini abazozigana. EkuPhakameni kusuke kusho ukuthi intombi isingahlala esigcawini ikhethwe ngokwebandla ukuthi izogana bani. Umemulo uwusiko okumele umzali ayenzele ingane yakhe uma isikhulile ngoba uyakhalaleka ukuthi uma ungenziwanga.

Yini Umemulo?

Umemulo usiko olwenzelwa intombazane uma iziphathe kahle ebuntombini bayo yangabaphoxa abazali bayo.
Isikhathi esiningi lolusiko lwenziwa uma intombazane iziphathe kahle yaze yafika eminyakeni engamashumi amabili nanye – 21, ikakhulukazi lwenziwa amaZulu.

Umemulo is a traditional Zulu coming of age ceremony for women. The rituals involve slaughtering a cow and the traditional Zulu dance Ukusina involving a spear. A woman’s Umemulo ceremony signifies that the she is now ready for marriage.

Yini isipheko?

Isipheko usiko lokuncedisa/lokusiza labo abasuke benze umcimbi. 

Kuye kwenzeke ukuthi kube nomshado, isifo, noma itiye, besekuthi labo abamenyiwe baphathe izipho zokudla ezinjengama khekhe, okuphuzwayo, izithelo nokunye abaye babone kubalulekile ukuthi basize ngakho ukuze umcimbi waloyo abaseke bemuhambele ube yimpumelelo.
Isipheko akuphoqelekile ukuthi usiphathe kodwa lona umkhuba omuhle otshengisa ukuzwelana nokubambisana kwabantu.

Page 5 of 10

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén