izithakazelo

Tag: zechariah Page 6 of 10

Ukhule Uze Ukhokhobe

EsiZulwini uma sifisela umuntu unwele olude siyaye sithi, “Ukhule uze ukhokhobe.” Lokhu kushiwo ngoba uma umuntu esemdala kakhulu uyakhokhoba uma ehamba. Ngisho noma ngabe mfishane, noma ngabe mude kuyafana, uma eseguge okwangempela uyakhokhoba uma ehamba.
Lowo-ke osuke ekufisela unwele olude bese esho la mazwi (ukhule uze ukhokhobe), usuke ekufisela ukuba ukhule uze ufike kulelo zinga lobudala. Akukhona ukuthi usuke ekufisela ukuthi uzithole ungasakwazi ukuhamba kahle.

Kunenkulumo-ke esijwayelekile kubantu, ngisho nasemisakazweni yesiZulu imbala uzwe abantu bethi, “Ukhule ungakhokhobi.” Kuyiphutha lokhu. Kasazi noma basuke bekufisela ukuthi uma usugugile ungabe usakwazi ukuhamba kepha uhudulwe okanye uqhutshwe ngenqola, ngoba phela angeke uguge okwangempela kodwa ujike ungakhokhobi uma uzihambela ngokwakho.
Kungenzeka basuke bekufisela ukuthi ungafiki kwakufika kulelo zinga lokuguga, kepha usheshe udlule kulo mhlaba. Kasazi. Yibona (abakushoyo lokho) kuphela abanencazelo yalokho.

Asingazami ukuguqula isiZulu esiyisona, sikhulume okuthandwa yithi sibe singayazi incazelo yalokhu esikuguqulayo, futhi singakuhlaziyanga kwakhona lokhu okusha esisuke sesiqhamuka nakho.

Uyihlo, Meaning, Origin & History

Incazelo nokusetshenziswa kwegama: UYIHLO

Uyihlo = ubaba wakho.
Igama ‘uyihlo’ liyigama elilodwa elifinyeza inkulumo ethi: ‘ubaba wakho’. Ngakho-ke esikhundleni sokuthi uma ukhuluma nomuntu uthi: ‘ubaba wakho’, ungasebenzisa igama ‘uyihlo’. Awube usamfaka u-‘wakho’ emumva kokusebenzisa leli gama.

Igama ‘uyihlo’ (oyihlo ebuningini) ulisebenzisa kumuntu noma kubantu osuke ukhuluma nabo bukhoma, lapho usho khona ubaba wakhe uma emunye, noma obaba babo uma bebaningi. Awulisebenzisi kumuntu osuke ukhuluma ngaye, futhi awulisebenzisi uma ukhuluma ngawe.
Uqaphele lokhu kungakudidi: uma sithi awulisebenzisi uma ukhuluma ngawe, sisho lapho ukhuluma khona ngobaba wakho. Njengokuthi ngeke usho ukuthi ‘Uyihlo wami’ (lokhu akulungile). Kepha ungalisebenzisa uma uzisho wena, njengokuthi ‘Nginguyihlo mntanami’ (lokhu kulungile).

Ngezansi yizibonelo zokusebenzisa leli gama ngendlela eyiyo:
1) Akakafiki yini uyihlo weZandile?
2) Zingane kumele nibahloniphe oyihlo.
3) Bongani, tshela uyihlo ukuthi sengifikile.
4) Uyihlo uyakuthanda ukubuya ekhaya sekuhwalele.
5) Thoko ungakhohlwa wukuthi nginguyihlo, ngakho-ke kumele ungihloniphe.
Kule misho eyisihlanu engenhla, igama ‘uyihlo’ lisetshenziswe ngendlela okuyiyona okumele lisetshenziswe ngayo.

Ngezansi yizibonelo lapho okusetshenziswe khona igama ‘uyihlo’ ngendlela engalungile. Okusho ukuthi akumele lisetshenziswe ngalendlela (engezansi):
1) Ubotshela uyihlo kaZandile ukuthi akeze layikhaya.
2) Angimazi uyihlo kaBongani.
3) Uyihlo wami usemsebenzini.
Yomithathu le misho engenhla ibhimbile, ayibhalekile ngendlela. Igama ‘uyihlo’ alisetshenziswa ngale ndlela.

Ukusebenzisa leli gama (uyihlo) kumuntu omdala kunawe akuzwakali kahle futhi akusiyo into esiyitusayo ukuthi uyenze, kodwa lona alisiyona inhlamba.

Unyoko, Meaning, Origin & History

Incazelo nokusetshenziswa kwegama: UNYOKO

Unyoko = umama wakho.
Igama ‘unyoko’ liyigama elilodwa elifinyeza inkulumo ethi: ‘umama wakho’. Ngakho-ke esikhundleni sokuthi uma ukhuluma nomuntu uthi: ‘umama wakho’, ungasebenzisa igama ‘unyoko’. Awube usamfaka u-‘wakho’ emumva kokusebenzisa leli gama.

Igama ‘unyoko’ (onyoko ebuningini) ulisebenzisa kumuntu noma kubantu osuke ukhuluma nabo bukhoma, lapho usho khona umama wakhe uma emunye, noma omama babo uma bebaningi. Awulisebenzisi kumuntu osuke ukhuluma ngaye, futhi awulisebenzisi uma ukhuluma ngawe.
Uqaphele lokhu kungakudidi: uma sithi awulisebenzisi uma ukhuluma ngawe, sisho lapho ukhuluma khona ngomama wakho. Njengokuthi ngeke usho ukuthi ‘Unyoko wami’ (lokhu akulungile). Kepha ungalisebenzisa uma uzisho wena, njengokuthi ‘Ngingunyoko mntanami’ (lokhu kulungile).

Ngezansi yizibonelo zokusebenzisa leli gama ngendlela eyiyo:
1) Akakafiki yini unyoko weZandile?
2) Zingane kumele nibahloniphe onyoko.
3) Bongani, tshela unyoko ukuthi sengifikile.
4) Unyoko uyakuthanda ukubuya ekhaya sekuhwalele.
5) Thoko ungakhohlwa wukuthi ngingunyoko, ngakho-ke kumele ungihloniphe.
Kule misho eyisihlanu engenhla, igama ‘unyoko’ lisetshenziswe ngendlela okuyiyona okumele lisetshenziswe ngayo.

Ngezansi yizibonelo lapho okusetshenziswe khona igama ‘unyoko’ ngendlela engalungile. Okusho ukuthi akumele lisetshenziswe ngalendlela (engezansi):
1) Ubotshela unyoko kaZandile ukuthi akeze layikhaya.
2) Angimazi unyoko kaBongani.
3) Unyoko wami usapheka.
Yomithathu le misho engenhla ibhimbile, ayibhalekile ngendlela. Igama ‘unyoko’ alisetshenziswa ngale ndlela.

Ukusebenzisa leli gama (unyoko) kumuntu omdala kunawe akuzwakali kahle futhi akusiyo into esiyitusayo ukuthi uyenze, kodwa lona alisiyona inhlamba.

Ningaphambanisi isiZulu

Iyahlupha lento yokuthi abantu bazame ukushintsha inkulumo yesiNgisi bayise esiZulwini njengoba injalo.Namuhla sekuyaye kuthi uma kukhona umuntu noma umndeni oshonelwe ilunga lawo okanye isihlobo sawo, uzwe abantu bethi, “Ngiyaxolisa ngokulahlekelwa kwakho”. Lo mkhuba ususelwa enkulumeni yesiNgisi ethi , “I’m sorry for your loss”, bese abantu beyiguqula njengoba injalo bayise esiZulwini.

NgokwesiZulu umuntu oshonelwe uyakhalelwa, aduduzwe, hhayi ukuthi kuxoliswe kuye.
Uze uxolise nje ubulawe uwe yini lo muntu oshonile?
Uma umuntu exolisa usuke ecela uxolo. Uma usushilo-ke wathi, “Ngiyaxolisa ngokulahlekelwa kwakho”, kumele aphendule athini-ke lo okuxoliswa kuye (oshonelwe)? Athi, “Ngiyakuxolela”?

Yekani ukuphambanisa izinto ngoba nizama ukwenza eniyaye nikubone kwenziwa ngabezinye izizwe. Umuntu oshonelwe mduduze, umqinise idolo, uyeke ukuxolisa into ongayazi.

🏆 Popular people from Zulu last name

  • Sandile Zungu

    Sandile Zungu (Finance/Sports)
    Businessman, founder of Zungu Investments, and owner of AmaZulu FC.
  • Alexander Grey Zulu

    Alexander Grey Zulu (Politics/Law)
    Prominent Zambian politician and cabinet minister.
  • Onthatile Zulu

    Onthatile Zulu (Sports)
    Rising star in South African field hockey and national team player.

Popular people from Zulu last name

  • Misizwe Mtshali (Technology/FinTech) – South African tech professional who worked at Microsoft and MTN Business. Now based in Singapore as an entrepreneur in the FinTech space. [Source: SA Chamber of Commerce Singapore]
  • Princess Kasune Zulu (Legal/Social Justice) – Zambian HIV/AIDS activist and author included in “Notable African American & Black Heritage” biographical profiles. [Source: Gale eBooks]
  • Ntandoyesizwe Zulu-Tembe (Royalty) – Daughter of the late amaZulu King Zwelithini kaBhekuzulu and Queen Mantfombi Dlamini. Married to businessman Moses Tembe. [Source: Sunday World]

Popular people from Zulu last name

Misizwe Mtshali (Technology/FinTech)
South African tech professional who worked at Microsoft and MTN Business. Now based in Singapore as an entrepreneur in the FinTech space. Represents South African tech expertise on international stage.
Princess Kasune Zulu (Legal/Social Justice)
Zambian HIV/AIDS activist and author included in “Notable African American & Black Heritage” biographical profiles. Advocate for social justice and public health awareness.
Ntandoyesizwe Zulu-Tembe (Royalty)
Daughter of the late amaZulu King Zwelithini kaBhekuzulu and Queen Mantfombi Dlamini. Married to businessman Moses Tembe. Represents continuity of Zulu royal heritage.

Royalty from Zulu last name

Zulu I kaMalandela (c. 1627-1709)
Founder of the Zulu clan, son of Malandela. When Malandela died, he divided the kingdom into two clans, the Qwabe and the Zulu. Zulu I established the royal lineage that would eventually unite numerous clans into the powerful Zulu nation.
King Shaka kaSenzangakhona (c. 1787-1828)
Founder of the Zulu Kingdom and one of the most influential monarchs in African history. Through military innovation and strategic conquests, he transformed a small chiefdom into a powerful empire that dominated much of present-day KwaZulu-Natal. His policies and military reforms created the foundations of Zulu identity and power.
King Mpande kaSenzangakhona (1798-1872)
Half-brother of Shaka who reigned from 1840 to 1872. He had at least 28 children by different wives, many of whom have living descendants. His reign saw the Zulu kingdom maintain its independence while navigating complex relationships with Boer settlers and British colonial forces.
King Cetshwayo kaMpande (1834-1884)
Son of Mpande who led the Zulu nation during the Anglo-Zulu War of 1879. His forces achieved a famous victory at the Battle of Isandlwana but were ultimately defeated. He was later restored as king before his death in 1884.
King Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu (1948-2021)
Longest-reigning Zulu monarch, ruling for nearly 50 years from 1971 to 2021. He had six wives and 28 children. He revived cultural practices including the annual Reed Dance ceremony to promote pride in Zulu traditions and HIV awareness. He was a direct descendant of King Cetshwayo, who led the Zulu nation during the 1879 war against the British army.
King Misuzulu kaZwelithini (b. 1974)
Current reigning monarch of the Zulu nation, installed in 2021 following the death of his father. His mother was Queen Mantfombi Dlamini, daughter of King Sobhuza II of Eswatini. As the son of the “Great Wife” whose lobola was paid by the nation, he is the rightful heir according to Zulu tradition. His reign has faced legal challenges from other branches of the royal family but continues with the support of millions of Zulu people.

Page 6 of 10

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén