clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Zikode Page 1 of 3

Izithakazelo zakwa Langa & Clan History

Langa,
Sothole,
Zikode,
Mashiyabantu,
Wena kasbhudukazana zavuka zamnyathela,
Skhotha somlalane esisha singapheli,
Mchwayo,
Ngwane,
Okasdumaza,
Wena owasemlanjweni !

Zikode Clan praises

Zikode surname information

Zikode, mgoza kalanga, ndindane, kunene, abakwa Khabanyovane njengesthol’esimdlobkazi, mboni kaSomantshove, abakwa mlilo ovutha Zonke intaba,abakwa Snakanaka ngyasala abaya naso kwaMncwazana sisinye babuya nazo zimbili, omhlahlose abahamba ematholeni, abakwaMghabhi wamafu omashishiwane, okhethabahle baseMcijeni, ompi kayqomi ngoba ngabe yaqoma induna yaseNgoba, abakwasbhamu sdume empini kaBhambatha !

Umlando wakwa Zikode

Umlando wakwa Zikode asikabi nawo okwamanje kodwa kungenzeka ube khona ku-YouTube channel yethu… ivakashele ngokucindezela lapha

Uma unolwazi ofisa lwaziwe ngomlando walesibongo, lubhale lapha ngezansi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Izithakazelo zakwa Mgoza Clan Names

Mgoza, Kunene, Mashishiwane, Mgozi kaLanga, Zikode, SikhabaNyovane njengeSithole esimdlundlukazi. Mntungwa, Mthiyane!!!

Galela Clan Names | Iziduko Galela

Galela surname
Iziduko ngo Bhadela Tshibase Ndaba Mntungwa Nonunu Zikode Luthuli I Zikhali Amadoda ezawela ithukela…

Dumela Clan Praises , Dumela Surname Origin

Origin: Dumela surname is originally from the Hlubi nation, it is derived from the Sotho and Bhaca people.
Dumela Clan names
Mashiya
Ngajuza
Mban’wezulu
Nonzipho zimnyama ngoku qhwaya qhwaya
Nozinza zashiy’indawo yokukumila zayomila ebubini
Zikode
Hlubi elidl’umhlehlo
Ngelengele
Ngwekazi
Ababey’gweba uMashiya no Dlomo eyabaleka yayokhala kwele S’qili yathi Mbo- Mbo-Mbo
Sgele sika Jozi!

Ndinisane Clan Names & History

Izithakazelo zakwa Ndinisane
Zwane,
Mangethe,
Nsele,
Zikode,
Cebekhulu,
Mabaso !

Izithakazelo zakwa Zwane Clan Names

Izithakazelo zakwa Zwane

  • Zwane
  • Mangethe
  • Linda Mkhonto
  • Umafa avuke
  • Zikode kaPhikela
  • UZwane akadlelanga phansi
  • Wadlela emkhombeni Wezinyamazane
  • Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda
  • Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele
  • Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
  • Kuthiwa udle izinjana zimbili
  • Zigcwele umdakana!
  • Ntshosho!
  • Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezulu
  • Ngoba aphezulu angubo ngubo!
  • Ntsele kaLinda kaMkhonto!
  • Awungilinde Ngilande Ezami
  • Mthanti!Nduna ngokuthwal’ isila sensele!
  • UNtsele kangakanani,
  • Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
  • Nin’ enadlel’ encazeni!
  • Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
  • Ngoba ningabenkosi.
  • Zikode kaNdabansele
  • Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu
  • Nina bakaVezi
  • Owadl’ isihlahla njengengwababane!

Zwane – Phikela wengwe – Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka

Zwane – Mandaba, Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?

Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela

Ntshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka

Mangethe omakhandakhanda

Nina baseMangweni !
Zikode !!!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies zakwa Zwane Whatsapp / call: 061 868 5163
Prices:
t-shirt: R200
Hoodies: R400

Izithakazelo zakwa Jiyane Clan Names

Jiyane Surname

  • Mkhathini,
  • Magolwane, Zikode,
  • Mzilankatha,
  • Phangela koqhoqhoqho,
  • Mashishwana,
  • Mbopha kaSthayi,
  • Gome kamshebe,
  • Mandlazi othab’izolo,
  • Mahlinza!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies akwa Jiyane Whatsapp / call: 061 868 5163

Prices:t-shirt: R200Hoodies: R400

Izithakazelo zakwa Khanyile Clan Names

Izithakazelo zakwa Khanyile 😍 Khanyile Clan Praises

  • Sothole,
  • S’tshopo,othi udl’inkomo kanti udl’impisi,
  • Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
  • Odl’isinkwa esinothotho,
  • Mahamba kancane Sogodi,
  • Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
  • Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
  • Ntunjwa kaLanga,
  • Mthiyane,
  • Ndwandwe,
  • Zikode, Mabhuqa,
  • Ngwane,
  • ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
  • Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies akwa Khanyile Whatsapp / call: 061 868 5163

Izithakazelo zakwa Khanyile  Khanyile Clan Praises
Izithakazelo zakwa Khanyile  Khanyile Clan Praises

Prices:t-shirt: R200Hoodies: R400

Page 1 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: