Manqele Origin

Kwesinye isikhathi abantu banokufisa ukwazi imvelaphi yesibongo sabo. Ake sibheke kafushane ukuthi abantu bakwaManqele ithini imvelaphi kanye nomlando wabo.

UKUVELA KWESIBONGO MANQELE.
USothondose wayehlala endaweni okuthiwa kusenqeleni, wayethi yena ungumnikazi wenqele. Babethi uSothondose waseNqeleni wagcina esenguManqele waseNqeleni eKhethankomo.


NAKHU-KE UKUVELA KWESITHAKAZELO ESITH KHETHANKOMO.
LesiSthakazelo savela ngoba uSothondose wayenenkambi ayeyikhandele izinkomo zakhe ukuthi zizohlala khona ezabanye zingangeni khona. Kwakuthi uma ebona inkomo yomuntu ingena enkambini yakhe ayiKHETHE KHONA AYIKHIPHE ngaphesheya. Wayekhetha izinkomo zabantu kwezakhe, kwasekuthiwa kuseKhethankomo enkambini yakhe.
ASIHLABELE MGAMA MLALELI KE SIBHEKE UKUVELA KWESITHAKAZELO ESITHI DUYAZA.

Lesi Sthakazelo sethiwa ngaye uSothondose ngoba wayengafuni muntu ohamba ezobheka inkomo yakhe enkambini yakhe. Wayesho kubantu ukuthi ” angifuni abantu bazoduyazela la eNqeleni, abantu abaduyazele lena-kude”
Eqhubeke ethi “yimina kuphela engiduyazela lana”. ngokusho kwakhe wagcina esenguDuyaza ngalokuduyazela eNqeleni.

AbakwaManqele babendawonye behlala khona bahlakazwa impi yakwaGqokli ngoba bona babehlala kwaNdwandwe futhi bewuzalo lwakhona.
Besengichazile ngenhla ukuthi laba abakwaManqele bavela kwaNxumalo sebephuma kuSothondose Nxumalo. UNxumalo uzale abakwaManqele, wazala nabakwaNkwanyana abanobukhosi eMtshezi eMabhaniyini.

BABEDUME NGANI ABAKWA MANQELE EMBUSWENI WAKWAZULU.
uMahloko umfowabo kaMhawana wakwaManqele nguyena owayeshuka izikhumba aphinde akhande nemkhonto enzele amabutho esilo uMpande. Imvunulo nayo wayeyikhanda kanye nethimba lakhe bese behloba ngayo. Inkosi uMsimude wayemxoshisa ngenqwaba yezinkomo ngenxa yemvunulo.

AbakwaManqele bazilwile izimpi zakwaZulu ngenkathi uZwide kaLanga elwa neLembe okuyimpi yakwaGqokli. UZwide wayegadla ngebutho lakhe elaliqothula kwasani ela-laziwa ngamaPhela, kanti kwaZulu kwakuNombelebele, bese kuba Izinyosi, namanye amabutho.

AbakwaManqele babelapho beseka uZwide emva kwaleyompi bahlakazeka bagcwala indaeo yonke.
Impi yeLembe nabeSuthu beginqa amatshe, yalidida iLembe leyompi. Indlela yokuhlasela yayingelula. Kwafika abakwaManqele bona benyuka kalula bengena emahlathini kwenile baqhamuka ngemumva babanqoba abeSuthu. Babehamba nge-zisu endaweni embi enguMcengezi benyuka bashosha bafika phezulu. Laduma lazithatha izihlangu zabeSuthu yanqoba eyeLembe.

nakhu-ke ukuzalana kwabakwaManqele.

uLanga wazala uZwide.
UZwide wazala uNxumalo.
Nxumalo wazala uMaqhoboza.
Maqhoboza wazala uSothondose.
Kwathi-ke uSothondose-yena wazala abakwaManqele.

Sibonge ukusiboleka indlebe. Uphinde ubuye futhi nangokuzayo.