Laba besifazane abane babengondlunkulu, izindlovukazi zikaZulu ezazigane iSilo uCetshwayo kaMpande. Njengoba kuke kushiwo ukuthi emendweni akuhlezi kumnandi, ziyafika izikhathi zobunzima.

Lapha baseThekwini behamba neSilo uCetshwayo, beyogibela umkhumbi owabantuntisa wayobafikisa eKapa. Lapha kungonyaka ka-(1880), mhlazane uZulu esengasazimele gelekeqe. Nyakana uZulu esanda kuhlulwa eSandlwana.