Imvelaphi yabakwaNtanzi | Ntanzi Surname Origin

Kwesinye isikhathi abantu banokufisa ukwazi imvelaphi yesibongo sabo. Ake sibheke kafushane ukuthi abantu bakwaNtanzi ithini imvelaphi kanye nomlando wabo.

Abantu bakwaNtanzi baphuma kubantu bakwaNtombela.

lokho kusho ukuthi bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni njengabo abakwaNtombela.

AbakwaNtombela bona baphuma kuNtombela owabe engumnawa wenkosi uMalandela ka Luzumana, enguyise omncane oQwabe noZulu.

Laba-bantu bakwaNtanzi endulo sibathola bakhe endaweni eyaqanjwa ngabo ebizwa ngokuthi kukwaNtanzi laphaya kwaNongoma.

Kodwa bagcina befudukile kuleyo ndawo ngoba besaba inkosi uZwide eyayihlasela amakhosi eyayiwehlula yayiwashumpula amakhanda iyohlobisa ngawo elawini likanina iNdlovukazi uNtombazi owayengumthakathi.

Ekufudukeni kwabo abantu bakwaNtanzi bazibandakanya nabantu bakubo kwaZulu ababebuswa yinkosi uSenzangakhona kaJama ngaleso sikhathi.

Kuthiwa isibongo sakwaNtanzi saqambeka ngokuhlabana kwenye yezinsizwa zakwaNtombela eyabe yeyeka, kodwa kwathi uma impi isinyathela awabantwana yahlabana ngendlela eyisimanga.
Impi isiphelile ba-ba-baza ozakwabo ngokuhlabana kwayo, ngoba babengathembi ukuthi uyohlabana ngaleyondlela, kwazise babembona elokhu entanza.

Ngalokho kwedele-leka kwayo lendoda, nanokuthi yayilokhu intanza yagcina isibizwa ngokuthi inguNtanza.

Ngenxa yolimi lwesiNguni lokulumbanisa amagama lendoda yagcina ibizwa ngoNtanzi, nozalo lwayo lwabizwa ngokuthi lungolwakwaNtanzi.
Ngesikhathi sokubusa kweLembe laba bantu bahlala ngokunethezeka okukhulu.
izimpi azizange zibathinte kwazise iLembe laselibafake esibongweni sakwaZulu ngoba likhumbula ubuhlobo bakwabaZulu nabakwaNtombela.
Umholi wabo ngaleso sikhathi kwakunguSogatshase owazala uNobanda.
Kwathi ngemuva kokukhothama kweLembe libulawa umfowabo uMntwana uDingane, laba-bantu bakwaNtanzi bathutha kwaZulu bayokwakha eMpaphala kwelamaMbedu. Kwathi ngemuva kwempi yaseNdondakusuka eyalwa ngowe 1865, abantu bakwaNtanzi bathutha eMpaphala balibhekisa eNingizimu nezwe.
Impi yaseNdondakusuka yayiphakathi kwaBantwana beSilo uMpande, oCetshwayo kanye noMbuyazwe.
Ekuthutheni kwabo eMpaphala balibhekisa eMkhomazi.
Kodwa ngeshwa abayitholanga indawo yokwakha,
Base baphindela emuva lapho babevele ngakhona bayozama eNdwendwe.
Nakhona futhi bangayithola indawo yokwakha.
Ukusuka eNdwendwe babheka eMvoti, ngaleso sikhathi basebeholwa nguNobamba kaSogatshase.
EMvoti kulapho bayithola khona indawo, kulapho futhi uNobamba wakhothamela khona.
Besahleli eMvoti kwafika uSomtswewu ka Sonzica (lo nguTheophelus Shepstone okwaqanjwa ngaye idolobha lasePort-Shepstone) owabasusa eMvoti wabasa eNdwendwe.
Namanje basatholakala khona eNdwendwe. Izwe labo laziwa ngokuthi kuseMhlangandlovu. Bakhelene nezizwe okungesakwaNtuli endlini kaMkhonto kaNtwanenhle, kanye nesamaBomvu.
UNobamba wazala uMbiko owazala uNembe yena ozale uMgiyo.
Inkosi uMgiyo yakhothama ingenayo inkosana, ubukhosi bube sebuthathwa umnewayo okuyinkosi uMxosheni.

Sesiphetha. Kubantu bakwaNtanzi kuphuma abantu besibongo sakwaFakazi.