AbakwaDlamini bangama Nguni aseMbo ngokwezigaba zamaNguni.

UMSUKA WABO BAZE BAFIKE ESWAZINI

Ngeminyaka yawo 1500 babeseKenya behlala khona base befuduka njengabantu bonke behlela eMozambique, kodwa bahlushwa ngamaPutukezi khona, base basuka baya kwaNgwane ngeminyaka yabo 1600.
Kathi ngeminyaka yabo 1700 base begcwala amazwe onke njengoba bebaningi eZimbabwe, eMzansi nasezindaweni zonke.

Bonke oDlamini umhlaba wonke bahlobene, Dlamini waseZimbabwe uhlobene noDlamini waseKoloni ngisho izithakazelo zingangafana nehubo kodwa igazi lilodwa.

IZIBONGO ABAHLOBENE NAZO

Ngwane, Zikhali, Mavuso, Bhengu, Malambule, Mbheki, Phungula, Mkhize, Ndwandwe, Shabalala, Shongwe, Mtimande, Kunene, Madonsela, Hlongwane, Maseko, Mtolo, Sibalukhulu, Mzizi, Nkosi, Cwazibe, Cwerha, Mdlovu, Mabuza, Mabizela, Magudulela, Dlangamandla, Zondi, Ngesi, Mahlalela, Maziya nezinye eziningi.

UBUHLOBO BUKAMKHIZE NODLAMINI SEBAPHELA

Inkosi yakwaMkhize uTilongo yaya ekhaya kwaDlamini yafike yathatha intombi khona, kwenziwa usiko lokuqeda ubuhlobo ukuze umsamo ungabhedi. Emva kwalokho baphela ubuhlobo sebeyaganana. Dlamini mthathe uMkhize anisahlobene.

KwaZulu kwenzekile inkosi uJama yaganwa okaManyelela uMthaniya wakwaSbiya, babehlobene baqedwa ubuhlobo kwahlatshwa imbuzi emhlophe keayiwa emalibeni namagula abulawa kwakhulunywa neziNyandezulu kwaqedwa ubuhlobo. UmaZulu useyagana kwaSbiya.

IZINDLU ZAKWADLAMINI ZINHLANU

Indlu Ekunene

Indlu yaseMakhuzeni

Indlu yakwaBhidla

Indlu yaseSphahleni

Indlu yaseNhlangwini

.

ODLAMINI ABABIZWA NGOKUTHI AMaLangeni!!

AMalangeni yiyona Mboni ekhiqiza izbongo exinkulu ezigcwele lapha kwaZulu njengeesakwaZulu, uNdwandwe, uMkhize, AMaHlubi, kanye nabo bonke oDlamini abalapha kwelikaMthaniya. Ucabange futhi ngoGumede kaSqakatha waseButhonga okphuma kuyena uManukuza noMuhali.

Ulibo lwaMalangeni!!

Mkhulunkosi

UKuwawawa

UKulwamba

USidwabasiluthuli

UNkosi l(wokuqala)

UNgwanel(wokuqala)

UCebisa

UDlamini (kulo Dlamini wokuqala kuphuma bonke oDlamini baseNatali kanye namaHlubi)

USihubu

UNkubingwe

UMbolo

UMswati l (wokuqala)

USikhulumaloyo

UMsimude

UZamukethi

UNkomokabako

UNkosi 2(wesibili)

ULanga( lapha kuphuma abakwaMkhize noGumede waseButhonga)

UDlamini waseSwazini, yilo okuthiwa nguMlangeni.Bonke oDlamini basebukhosini baseSwazini kuthiwa ngaMalangeni. Ingakho phela uye uzwe umnaka lo owethula isimo selitulo(isimo sezulu) ethi β€˜nina Malangeni lamahle’. Babuye babizwe ngokuthi ngabakwaNkosi

IZINYANDEZULU ZAKWADLAMINI

uNkosi.

.uSibalukhulu

Mdlovu.

.uLatha.

Lokothwayo.

uMaGaduzela..

uMzizi.

USobhuza

IZITHAKAZELO ZAKWADLAMINI

Dlamini, Hlubi, Nkosi

Ludonga laMavuso

Abayembo babuyelela

Sidwaba sikaLuthuli

Wena esingangcwaba sibuye noMlandakazi

Abawela ubombo ngokuhlehletela

Nina bakaSobhuza uSomhlolo

UMswati kaSobhuza

Mlangeni

Nina bakwakusa neLanga

Lokothwana Sibalukhulu

Nina besicoco sangenhlana

Nina bekuNene

ABASEMAZIZINI BONA

MZIZI DLAMINI

JAMA KASJADU

MTIKITIKI GUBUNGULASHE

NDABAZAMTHETHWA NSUKUNSUKU NTABAYENYUKA SANDLULABA

NINA BENGWANE

NIBA SESICOCO SANGENHLANA NINA BEKUNENE.

BATHAKAZELA KANJENA ODLAMINI LATHA

DLAMINI LATHA CWAZIBE NONDABA MDINWA NINA ABAKWAMBETHELELI NINA ENABHALA NGOPHAPHE ABANYE BEBHALA NGEPENSELA!

Dlamini Sibalukhulu

Sibalukhulu,

Mdlovu, Magaduzela,

Magaga kaNsele,

Wena owashisa umuntu ngesikhuni esibunjini kwaze kwasa eyobayoba,

Mgoqo ovimb’esangweni nansi impi,

Izwe lafa ngathini na?

Wena owabonela empunzini ukuthi kuyabalekwa ngoba yona yabaleka yaziphonsa ocingweni,

Mdzineka, Magaduzela, Sihlangu sinye, wena waka Fodzo KaNombewu kaMakata, Miskofin, Sobhuza, Buhlal’obudze.

AMADODA AKWANGWANE MATHATHU OKUYIWONA AMISA ISBONGO SAKWADLAMINI. LAWOMADODA APHUMA KUNGWANE WESBILI

Izwe laseSwatini kuthiwa kukwaNgwane ngenxa yalamawhawe azalwa uNgwane wesbili.

uNgwane 2 wazala amadodana amathathu okuyiwona inzalo yawo izinze ezweni lase Swaziland, Mozambique, Zimbabwe nase MPUMALANGA nenxenye yakwa Zulu njengo Phongolo ne Jozini.

Lamadodana ka Ngwane 2 ayeme kanje….ngokwelamana kwawo

Owokuqala :Jozane/Jozini

Owesibili:Matalatala

Owesithathu:Mcanco

Omathathuke lamadodana alishiya alakwaZulu babheka ngasobonjeni okulapho bafica khona indlovu izala bayidlasela bayibulala ukuze bathole ukudla ….

Sebeyibulele indlovu u Matalatala wanquma ukungahlali aqhubeke nendlela ngoba nendawo nayo yayingeyinhle kahle ukucashela izimpi Kodwake u Jozane yena wakhala ngamandla ayesengenawo ukuqhubeka nohambo ngoba wayesmdala kakhulu esefike nasekhulwini leminyaka neminyaka …..uJozaneke wasala nomfowabo omncane u Mcanco u Matalatala wenyukela nganeno nophondolo ngasogodlwayo endaweni lapho uMzilikazi athatha khona nenxenye yabantu bakwa Matalatala.

LAQALA KANJAN IGAMA ELITHI DLAMINI NESELIYISBONGO MANJE

Leligama lisuselwa kwisenzo esasenziwa uMatalatala ngokudla ukudla ebe emi ngezinyawo base bethi uDlamile uMatalatala. Babendawonye bedla inyama yenyanazane, uJozane yena wathi ” wena unguDlamile njalo nje uhlale ujahile wase ebe uDlamile. Labuye lashintshwa igama laba uDlamini. Kwaba khona uDlamini wokuqala noDlamini wesbili.

uMatalatala wathi kuJozane ” sala wena Mahlalela thina siyahamba”

Inzalo kaJozane aybizwanga ngoJozane kodwa ibizwe ngoMahlalela ogcine usuyisbongo.

AbakwaMahlalela bagcwele eSwatini naseMpumalanga koNaspoti nezindawo ezakhele lapho.

UKUVELA KWESBONGO SAKWA MAZIYA KWADLAMINI

Lesbongo savela ngewhawe kakhona uMcanco owayengazinzike ndawonye kodwa ehla enyuka njengesbhamu somlabakaba, wayesaba izimpi.

Wayehamba avakashele uDlamini aphinde aye kuMahlaleka.

Ngalesisenzo sakhe kwasekuthiwa UYAZIYAZIYA ngolimi kwaseSwatini. Wabe esebizwa ngoMaziya nenzalo yakhe yabizwa ngabakwaMaziya.

Ababaningi abakwaMaziya emzansi inkinga bakhukhulwa uMzilikazi iNkanyamba eMakhandajhanda yayobabeka eZimbabwe. Bagcwele khona.

UKUHLUKANA KODLAMINI NGEZINDAWO ABAKUZONA

ODLAMINI abakwaXhosa bazibiza ngamaZizi. Lelo yigama lensizwa eyayinguMzulu yakwaDlamini. Yawela uMthavuna yaya eKoloni yayohlala khona baze babizwa ngoDlamini Mzizi. Kwaze kwaba khona nendawo yaseMazizini

ODlamini abaseZimbabwe bona babaleka noMzilikazi ebaleke nezinkomo zeLembe baya eZimbabwe yingakho nakhona bebaningi njengakwaZulu.

ODlamini baseZimbabwe bangabaseMalangeni imvamisa yabo.

Laba abalana kwaZulu iningi labo liphuma kwindlu yaseMakhuzeni. Basuka eSwazini nabo. Banabo ubukhosi lapha kwaZulu. UDlamini kwaZulu unabantu abaningi bese elandelwa nguKhumalo waseMantungwini.

Kukhona abakwaDlamini abangaMalatha eNgome yilapho bebaningi khona.

UKUVELA KWESBONGO SAKWAPHUNGULA KWADLAMINI

infodana kaDlamini enguMdlovu Magaduzela yayqokwe nguDlamini ukuba ilawule umndeni wakwaDlanini, nebala yakwenza lokho.

Kwahlukaniswa ifa lase liyabangwa ifa okwakuyizinkomo kanye nomhlaba. UMdlovu wayalelwa ukuba aphungule umndeni ababele umhlaba bahlukaniswe abanye baye enyakatho abanye eNingizimu. Bahlukana nje kakhulu. Kwase kuthi indodana kaMdlovu yanikwa leligama likaPhungula ngoba yazalwa ngenkathi kuPhungulwa umndeni.

Lelogama layo lagcina liyisbongo. Bathakazela ngokufana noDlamini oPhungula.

UKUQAMBEKA KWESIBONGO SAKWAZONDI KWADLAMINI

-Kuthiwa lesi sibongo sakwaZondi saqambeka ngesizathu sokuganga . Kwasuka omunye wesilisa wakhona emdenini waqomisa indodakazi kaNondaba .Lesi senzo samholela esigcawini sokuqulwa kwamacala . Wazithola esemi phambi kwamalunga omndeni owabe uhlangene ukuzoqula ,udingide udaba lwakhe lokuqomisa indodakazi kaNondaba

Sebequla memphenya lo mlisa bezwakala sebethi , ‘Lesi senzo sakho sibi , sikhombisa ukuthi wena uyamzonda uNondaba ‘Bamklokloma bonke bathi ‘Uyamzonda uNondaba wena ‘!Uzonda uNondaba wena !

Lawo mazwi abawaphimisayo ayethi lowo mlisa ngenxa yaleso senzo sakhe sokuqomisa indodakazi kaNondaba sikhombisa ukuthi lokho kwabe kuyisenzo esasikhombisa ukuthi uyamzonda uNondaba . Kusukela kuleso sigameko selunga lomndeni

Kusukela kuleso sigameko lelo lunga lomndeni labizwa ngokuthi linguZond’uNondaba .Ngokubizwa ngaleli gama kwaba sekuba ukuqambeka kwesibongo sakhe. Ngakho -ke bonke abazalo lwakhe babizwa ngokuthi bangabantu bakwaZondunondaba, sagcina sesinqanyulelwe kuthiwa ZONDI.

UKUVELA KWESBONGO SAKWA MKHIZE KWADLAMINI

abakwaMkhuze oKhabazela kaMavovo bayingxenye yabantu bakwaDlamini. Abantu bakwaMkhize baphuma kuMumbo yena owazala uLanga okunguyena owakhiqiza abakwakwaMkhize. Ngenkathi uMdlovu ephungula abantu eSwazini lenxenye egcine isingryakwaMkhize yona yaba ngaseNingizimu neSwatini bagcina bephuma ngapha naboGwala, Mavuso, Hlela nabanye beza kwaZulu.

Ngokuchaza kwabantu abazi kanconywana bathi lenxenye kaDlamini yahamba igudla ulwandle ifuna ixindawo ezimanzi nezinotshani nezithandwa yimvula.

Bahamba befuna izindawo ezineMkhizo njengakoSodwana, Dukuduku, Mbonambi, Sokhulu nezinye ezigudla ulwandle ezinemkhizo. Ngesenzo sabo sokfuna lezindawo ezinrmkhizo bagcine bebizwa ngabakwaMkhizo. Sekubhalwa phansi kwabhalwa uMkhize ogcine usuyisbongo.

Umkhize nawo unamakhosi amaningi adumayo njengoTilongo, Zihlandlo, Gcwabe, Sambela nabanye.

Izibongo ezphume ngaphansi kukaMkhize Dumakude, Shange , Ngubane Mbomvu nezinye.

Izizwe eziphume ngaphansi kukaMkhize amaMpondo namaMpondomise.

UKUVELA KWESBONGO SAKWABHENGU KWADLAMINI

lesisbongo sawhamuka ngesenzo esenziwa zingane zandawonye. Kwathandana izingane zakwaDlamini emndenini owodwa kodwa behlukene ngezindlu. Laqulwa lelocala kwasekuthiwa usuBhenguze ekhaya kwaphuma abantu bakwaBHENGU oseyisbongo ngokubhenguza ekhaya.

ODLAMINI NEZIMPI ZAKWAZULU

syabathola oDlamini abangamaLatha kwimpi yaseNcome beholwa nguMhlakazanhlansi. Nguyena owabulala abantu abaningi ebambisene noNongalo wakwaMsweli onguKhokho ka Ayanda Msweli wendlu kaMashoboda.

Syabathola abakwaDlamini kwimpi yamakhanda eyayiholwa uBhambatha wakwaZondi. Babekhona kuleyompi baphuma yaphakwa impi balwa nabo.