Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwaZwide

Mkhatshwa

Zwide kaLanga!

Soshangase kSothandose

Ndwandwe waseGudunkomo

Nina bakaMneme

Nina bakaMashesh’ afike kuMashobana

Nina bakwaNkokhel’ abantu

Behlatshwa njengezinkomo

UNozinyang engafiki

Nina bakaNonhongoza

Mnguni ongafiki ngomkhonto

Nogwaza be ngahlonyulwa

Sandla sivik umkhonto njengehawu

Kukhal’ indoda namadojeyana

Wena Ndwandwe ogwaze indoda wayishi ifile

Langa!

Umlando wabantu bakwaZwide

ONxumalo kanye noNdwandwe bangabantu bandawonye. Imvelaphi yabo idabuka kubantu bakwaDlamini kaLudonga kaMavuso. Ngesikhathi kunenhlukano kwisizukulwane sikaMumbo ezintabeni zoBombo, kulapho kenabo baphuma khona.

UNxumalo abagcine sebebuzwa ngaye, kwakunguManukuza. UManukuza wayelamana noMavuso bezalwa nguLanga (uMkhatshwa). Unina kaManukuza uthe uma eshona wase eshiya uManukuza emncane. Ukhule kanzima enceliswa iminxumo. Ethi uma esekhala amncelise ngomxhuma owayebuye aziwe ngoMkhathswa. UManukuza uncele umnxumo waze waba mdala kakhulu, umzanyana wakhe wayemenzela iminxumo emteketisa ngokuthi: “Nxumalo lo, Nxumalo lo” kwabe sekuthiwa usenguNxumalo. ONdwandwe abaphuma endlini encane bona babe sebebizwa ngoNxumalo.

Umkhuba uvele ngesikhathi sekubusa uMavuso kaMkhatshwa kwaNdwandwe esethatha ingane yentombazane kaManukuza (Nxumalo) eyenza inkosikazi. Kwale noma umndeni nesizwe sikhuza umhlola ngoba phela sazi ukuthi isiko lesiNguni kalihambisani nokuganana kwabantu abazalanayo. Noma abantu bomndeni bekhuza lokho, uMavuso ubezithethelela ngokuthi yena ungowakwaNdwandwe hhayi kwaNxumalo. Uzalo-ke lukaManukuza lugcine seluhlukene nabakwaNdwandwe lwasebenzisa uNxumalo njengesibongo.

Abantu bakwaNdwandwe baqgame ngesikhathi sekubusa uZwide kaLanga kaLudonga kaMavuso. UZwide nguyena ohlanganise lesi sizwe saba ngesihlonishwayo ezizweni zabeNguni. Isizwe sakwaNdwandwe sibe yisizwe esikhulu sikanye nezinye ezinkulu njengesakwaMthethwa esasibuswa nguDingiswayo kaJobe kaKhayi, esakwaQwabe esasibuswa nguPhakathwayo nesaseMachunwini esasibuswa nguMacingwane kaJama. UZwide usakhe lesi sizwe ngokubambisana nonina, indlovukazi uNtombazi.

UZwide wakhe imizi yakhe owaKwaNongoma, owaKwaDlovunga, owasoPhiyane, owaseSigwegweni (eSikhwishikhwishi) nakwaLindizwe. UZwide ebusa KwaNongoma, ubenesitha sakhe esikhulu, iNkosi uDingiswayo waKwaMthethwa futhi udadewabo weNkosi uDingiswayo wayeganwe khona kwaNdwandwe, kodwa lobu buhlobo kababunakanga. Inkosi uZwide benonina uNtombazi, banquma ukuthi iNkosi uDingiswayo bayiganisele udadewabo weNkosi uZwide ngenhloso yokuthi iyocwiya izinsila zeNkosi uDingiswayo khona bezomlumba. Leyo ndodakazi kaNtombazi kwakunguNtombazane igama layo, uNtombazane wenza kanjalo bazithatha izinsila zenkosi bazihlanganisa nemithi yabo bamhuqa ngayo. Kuthe ngesikhathi sempi iNkosi uDingiswayo yawashiya amabutho ayo kwaSomkhele okuyilapho ayenkanise khona elinde impi yeNkosi uShaka eyabe iphuma KwaZulu. UDingiswayo uyishiya impi yakhe nje, uhamba nebutho lamantombazane nondlunkulu wakhe, bahamba bazethuka sebekwaNdwandwe kwaDlovunga.

Amabutho eNkosi uZwide ambamba ngoba ayevele emlindele, nokwaphetha ngokuthi iNkosi uDingiswayo inqunywe ikhanda lathathwa lahlobisa endlini kaNtombazi khona kwaDlovunga.

Kuleyondlu kwakugcwele amakhanda amanye amakhosi ngoba kwakuthi njalo iNkosi uZwide ihlasele isizwe, yayibulala iNkosi yaleso sizwe bese inqamula ikhanda layo ihlobise ngalo indlu kanina uNtombazi. Amanye amakhanda ayekhona lapho ngelikaMashobane noDonda bakwaKhumalo, ngelikaPhungashe wakwaButhelezi namanye amakhosi.