Nina beNyathi emhlophe yakithi eMcakwini ebisembethe izikhumba zeziNgwe nezeziNgwenyama?
Mina Mbhekiseni kaShibela Buthelezi eMcakwini ngidabuka eNdlini yaseKhohlwa eSigodlweni eThelezini seNkosi Ngwane kaShenge.
Akengizichaze ukuthi ngizaleka kanjani.
INkosi Ngwane izale uShabeni yena wazala uNonkonkela wazala uShibela yena wazala uMandulo wazala uNoxhaka wazala uFanyana wabe esezala mina Mbhekiseni.
MaShenge amahle ningadideki iNkosi Ngwane yigama lokuzalwa akusisona isibongo.
Ngilapha ekutheni umlando omuhle oyokhulunywa abakwaButhelezi kepha hhayi oyokhulunywa emgwaqeni ngoba kuningi okuphanjaniswayo.
AbakwaButhelezi bangesinye seZizwe ezindala kakhulu lapha eZansi neFrika.
Akesibelamanise ngokuzalana kwabo.
INkosi Buthelezi
Mlotshwa
Ndaba
Shenge
Ngwane
Phungashe
Mevana
Lawa amakhosi amakhulu aseNdlunkulu yeSizwe sakwaButhelezi jikelele adabuka abusela khona eMcakwini.
eBabanango igama le ntaba eNkulu yakhona lapho okwakubusela khona uKhokho OMkhulu uButhelezi.
Igama elithi โBaba nangoโ laba isehlakalo noma isenzakalo.
Umlando esiwaziyo thina eMcakwini uthi , endulo ngenkathi kubusa iNkosi Shenge kwaku kade kunempi eyayiliwa kwabe sekuduka uMntanenkosi uLuzumane kaShenge.
Ezweni laseMcakwini laziwa noma lidune ngokuthi yizwe eline nkungu eyisimanga.
iNkosi Shenge yabe isikhipha amabutho ukuba ayothungatha umntanayo.
Nangempela kwezwakala sekumemeza ibhungwana selithi โBaba nangoโ
Labe selichuma lapho igama lentaba kwathi intaba yaseBabanangu , kepha ngenxa yokuthi endulo babe thefuya kanti namhlanje sekwaduma ukuthi kuse Babanango.
UButhelezi
Waye ganwe uNdlunkulu OkaMnguni.
OkaMnguni wazala izingane eziningi esingazazi amagama azo ngenxa yokuduka komlando ,ukusuka kuButhelezi kuya kuMlotshwa.
UMlotshwa yigama kepha akusisona isibongo.
UMlotshwa ube esezala uNdaba wabe eselanywa uMinyamanzi okukholelwa ukuthi wafudukela eSwatini.
UNdaba wabe esezala uShenge (1640) b okusolakala ukuthi uzalwa kuleyo minyaka. USixhobo ,uNtabeni
UShenge kuNdlunkulu OkaMageba Zulu iNkosazana yeNkosi Mageba Zulu wakwaNobamba eMakhosini wazibula ngo Ngwane , iNyathi ematheza , uMageba.
Sokhumbula ukuthi umuntu manxa ezelwe akabi negama elilodwa kukhona alethiwa uNina noYise , alethiwa zinsizwa ngokuhlaba ezimpini.
Igama elithi โMagebaโ isidlaliso ayedlaliswa ngalo ngoba efana noYiseMkhulu ezala uNina iNkosi uMageba.
UShenge wazala ,uQwangubana , uMnandi , uLuzumane.
UMnandi wazala uSowalisa yena wazala uSondiya wazala uSondaba wazala uNtenetsha owagana iNkosi Senzangakhona Zulu.
ESigodlweni eMzansini iNkosi Shenge yazala uNgwane.
INkosi Ngwane yaganwa kakhulu yazala izingane eziningi.
eMzansini kuNdlunkulu wokuqala yazala uNduvana kanye neNkosazana uMzansi , eyake yaba yiBamba Bukhosi ibambele iNkosana Phungashe isencane.
KuNdlunkulu OkaMklebhula Khumalo wazibula ngoPhungashe ozalwa yedwa kwabo.
ESigodlweni eThelezini KuNdlunkulu OkaNtombela yazala uShabeni.
ESigodlweni kwaNomahhina yazala uMvulana noMpondo ababe ngamaWele.
ESigodlweni eMakhwatheni wazala uMpundulwana.
iNkosi Phungashe
EManqashiyeni izale uMsicwa
EMpelelamadoda izale uSiklovu
ESigodlweni eMcakwini wazala iNkosazana Mevana kanye neNkosazana uThelezana
EZinyambe wazala uSabobo welanywa uLubisi.
Namanye amadodana amaningi.
INkosi Mevana kaPhungashe kayibanga nayo inhlahla yokuzala izingane.
MaShenge amahle bengithi angikho phezulu ngibhale nami ngabhala abambalwa abaningi ngibashiyile kepha ungangilandela ekhasini lika Facebook elithi โiNkosi Phungashe eMcakwiniโ.
Kulelo khasi ilapho engichaza kabanzi ngomlando wamaShenge.
Popular people from Buthelezi last name
Former Deputy Minister of Finance of South Africa (2017-2018). Also served as Deputy Minister of Agriculture, Forestry and Fisheries. First chairperson of PRASA (2009-2014). Economist and former uMkhonto we Sizwe member. [Source: Wikipedia] [citation:5]
Managing Director at Buthelezi Vilakazi Inc, Chairman of KwaZulu Natal Growth Fund. Former Non-Executive Director of South African Airways (SAA). Practiced at Bowman Gilfillan Inc in Banking & Finance. Spent time at Davis Polk & Wardwell LLP and Morgan Stanley in New York. LLB from UKZN. [Source: UKZN Alumni] [citation:8]
Royalty from Buthelezi last name
Great-grandfather of Prince Mangosuthu Buthelezi who served as Prime Minister to King Cetshwayo during the Anglo-Zulu War. His leadership established the Buthelezi clan’s centuries-old role as traditional prime ministers to the Zulu monarchy.
Father of Prince Mangosuthu Buthelezi who served as Prime Minister to the Zulu monarchy until 1948. Married to Princess Magogo kaDinuzulu, daughter of King Solomon kaDinizulu, directly connecting the Buthelezi clan to King Shaka through maternal lineage.
Longest-serving traditional Prime Minister to the Zulu nation for 69 years, serving three successive Zulu kings: King Cyprian Bhekuzulu, King Goodwill Zwelithini, and King Misuzulu kaZwelithini. Appointed in 1954 in KwaDukuza at the unveiling of King Shaka’s tombstone. Son of Chief Mathole Buthelezi and Princess Magogo kaDinuzulu, with maternal lineage directly connecting him to King Shaka. Played crucial role in installing King Misuzulu and navigating royal succession disputes. His death in 2023 at age 95 marked the end of an era in Zulu royal history.