Nhlengethwa Surname history, Imvelaphi yabakwa Nhlengethwa

Ake ngikulandise ngomlando wakithi wakwaNhlengethwa.
Ngenhlahla ngihlala khona lapho bedabuka khona. Omkhulu mabesho kwafika ukhokho wethu esuka eliSuthu wafika kusabusa iLembe wayokhonza kulo lamnika indawo laphaya eNGOJE (LOWSBURG) Iilapho aba nesizwe sakwaNhlengethwa sanda kakhulu lapha ya eNgoje kukhona izintaba okushiwoyo namanje okuthiwa ezakwaNhlengethwa ngoba kuthiwa nenqina yokuzingela yayiphethwe yibo ezintabeni zabo.

Kuthiwa abanye abangabona abakwaNhlengethwa babecela kubo inqina mabefuna ukuzingela.intaba okuyiyona kulezintaba okulele khona abaKwaNhlengethwa leyontaba uMakhukhutha ilapho okulele khona nokhokho wethu ulaphaya kuleyantaba emgedeni lowo mgede igama lawo kuthiwa kwaDuda.

Yingakho nehubo lakithi elihutshwa makushoniwe noma uganwa noma kukhishwa intombazane iyogana lelohubo akudlalwa ngalo awulihubi nomakanjani lihutshwa makubalulekile ngoba uthinta abangasekho uma ulihuba uzidlalela uzoba nenkinga ngoba bona basuke sebelalele abangasekho bethi kwenzekani asizwe kanti uyazidlalela akudlalwa ngalo. Lelo hubo lithi enqabeni!! ngibuzubaba owasala kwaDuda!!

Yewuyewu sibuzubaba owasalakwaDuda enqabeni enqabeni….ngekengiliqede bengikuzwisa .enqabeni ilapho okulelekhona ukhokho wethu uzokhumbula umuntu kwaNhlengethwa mayeshonile wayengangcwatsha nanilala eshonile ekuseni kuse engekho.

Omkhulu mabesho ebusuku bayamlanda ayiswe kulowo mgede kwaDuda ilapho ayefakwa khona bonke abakwaNhlengethwa mabeshonile babeyiswa khona ebusuku izingane zingaboni nomphakathi yingakho namanje thina singcwaba ekuseni sugubha ingcwaba ebusuku ngo 8ekuseni sesingcwabile silandela lolasiko lakudala.futhi umuntu wakwaNhlengethwa akangcwatshwa nomuntu wakwesinye isibongo ngoba uyahlupha ekhaya afune ukuba yedwa.

Uma nimngcwaba emathuneni omphakathi kuba khona usiko olenziwayo ngaphambi kokuthi angcatshwe.leyondawo esidabuka kuyo eNgoje okhokho baxoshwa amabhunu benza isiqiwi lesoqiwi sidumile IThala siseNgoje.kodwa siyayithola imnvume yokuya emanxiweni.kuyabhukwa kumnini siqiwi amabhunu .kodwa nathi asikho kude nakhona ngoba masesisemakhaya siyazibona izintaba zakithi eNgoje manje abakwaNhlengethwa silaphaya OPHONGOLO Endaweni oKuthiwa ISENTUMBANE lapho sibaningi khona ngoba nenduna yenkosi isekhaya endlini engikuyo mina.kuningi nje ngengiqede lomlando. NHLENGETHWA ,MSUTHU ,MPANGAZITHA,GOCWENI… WENA WESILO

https://www.facebook.com/groups/919897311973563/