Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Umlando Wesibongo SakwaQwabe

Isibongo sakwaQwabe sivela egameni lenye yamadodana kaMalandela, uQwabe. UQwabe wayelanywa nguZulu okwenza imilando yabo ifane. Njengazo zonke izelamani kwaba khona ukungaboni ngaso linye ngokubhekwa kwemfuyo yasekhaya ngoba uQwabe wayekhonze kakhulu ukuzingela engenaso isikhathi sokubheka imfuyo nezinye izinto zomndeni, okwenza ukuthi izinto eziningi zomndeni zenziwe nguZulu owayemncane kunoQwabe. Ngenxa yalokhu uQwabe ushiyile ekhaya waya kozakhela umuzi wakhe eduze nomfula uMhlathuze ngaphansi kwezintaba zoNgoye. Umuzi wakhe uwuqambe igama elithi ikwaMthandeni ngoba ethi abanye abantu bazomthanda ngoba abomndeni wakhe bengakhombisanga ukumthanda.

Isizwe sikaQwabe sandile impela ngoba indawo yaso yayisuka emngceleni wesizwe saKwaMthethwa siyofika esizweni saKwaDube siphinde siyoshaya ehalthini eNkandla. Ngokwanda kwalesizwe kuphume nezibongo njengoGumede, uMnguni, uSimamane, uKhuzwayo, uMakhanya noNqetho.

Ngesikhathi kubusa uDingiswayo KwaMthethwa, KwaQwabe kwakubusa uKhondlo. Ngesikhathi isizwe sakwaQwabe sithutha siyokwakha ngasemfuleni uMvoti ngaphesheya koThukela sase siholwa nguPhakathwayo. NoNdlunkulu uNandi ozala iSilo uShaka sake sakhosela ngaphansi komuzi wakwaQwabe kwaGedeyana. Lesizwe sazinza endaweni ephakathi kwakwaMaphumulo naKwaDukuza. Isizwe sakwaQwabe sisekhona endaweni yaseMthandeni osekuyikomkhulu laso siholwa nguMakhosonke W Qwabe.

Kukhona nabanye oGumede abangaveli endlini kwaQwabe. Laba ngoGumede bakaManukuza nabakaSiqalaba. Bayingxenye yamaThonga ngoba bangena ezweni beqhamuka eNyakatho neMpumalanga nelikaMthaniya.

Izithakazelo

Qwabe!
Gumede!
Phakathwayo!
Mnguni!
Malandela!
Ntabani leyayaya kuNgoye Gumede!
Dluya Nguni kubeyethwe!
Nazi Ezinye: Izithakazelo zakwaGumede
Mnguni!
Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
KaKhondlo kaPhakathwayo
Abadlโ€™ umuntu bembhuyabhuya ngendaba
Bedluya kuyabeyethwa
Abalwโ€™ impi noShaka
Wathโ€™ uShaka makusikwโ€™ ugebhezi
Lwekhandโ€™ aphuze kulona.
Mgwaqo!
Khuzwayo!
Wena kaMalandela
Ngokulandโ€™ izinkomo zamadoda
Amazala nkosi lana,
Mpangazitha!
Makhanya!