Sigwebela History:

Umlando ka Sigwebela ka Nondaba ( Lisela) ka Machi ka Ntamonde ka Msuthu ka Hhihhi ( I-Pedi).
u Sigwebela wazalwa yi-Khaladi (i-Nziphazi) uLisela (Listen) Owayefikele komkhulu kwa-Machi.

uLisela wabonana nentombi yasebukhosini kwa Machi, egama layo kwakungu- Nondaba ( Umaziwazo izindaba zasebukhosini). Ngalezozikhathi umuntu owayenze isenzo sika-Lisela wayebulawa nokubulawa, kepha yena wacela ukwenziwa isisebenzi sakomkhulu esingakhokhelwa. Ekuzalweni kwendodana yaqanjwa igama kususelwa esigamekweni sekhaladi sokuzigweba, kwathiwa umfana u Sigwebela kaNondaba. u- Sigwebela wazala u-Mgcwaba bobabili akukatholakali kuthi babeganwe womabani no kuthi bangcwatshwa kuphi.

u-Mgcwaba wazala a madodana amahlanu : u-Mdingana inzalo Yakhe itholakala kwa- File (eMzimkhulu) nase Mvenyane ( Matatiele).
– Ndawana onzalo yakhe itholakala e-Stezi.
– Zono onzalo yakhe itholakala e Bizana ( Mmangweni)
-Mthayana onzalo Yakhe itholakala e Mkhoba, oCingweni, ku Nongidi nase Hlokwenkomo.
– Qhuphaza onzalo Yakhe itholakala eMkhoba kwaMbotho e-Stezi nakwaJali…
Izithakazelo
Sigwebela kaNondaba Ndenza Lawu
Xabanisabantubelungisa
Sidununu sensingiza…