UMthaniya 
KwaZulu ngoba kuthiwa kukwelikaMthaniya kusuka ngentombi kaManyelela wakwaSibiya eyagana inkosi uJama. Inkosi uJama yakhothama uNdlunkulu engenayo indlalifa.

Wayenamawele kunguMkabayi kanye noMmama wenqaba uJama ukuthi kubekhona iwele eligingiswa igabade.

Uthe esemdala impela namadodakazi akhe ebona ukuthi uYise akanayo indlalifa base beyocela uMthaniya kaManyelela wakwaSibiya ukuthi azogana uJama.

Noma wayethe ukuba mdala kubo bamthanda ngoba wayenesizotha. Wavuma uMthaniya wase etholela uJama indodana igama layo kwaba nguSenzangakhona.

Lelogama lavela ngokuthi uJama wathi nenzengakhona bantabami sengithole indlalifa bathi “senzengakhona”.