Izithakazelo zakwa-Zulu:
Ndabezitha,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S’thuli sikaNdaba,
S’thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!
Loki
Othi Mageba, wena wendlovu.
Mabonga Khumalo
Siyabonga bhuti.
Unknown
ngithokoze kakhulu ngokufunda ngezithakazelo sesintu. imvelaphi yethu. sikhulela eGoli, okuningi asikwazi ngemvalaphi yethu. ngiyabonga. kakhulu! qhuba njalo wandise ulwazi.