Surname Meaning, History, Clan Names & Latest News

Izithakazelo🔥Umlando💙Clan names💯Iziduko🙌🏾

Month: Apr 2012

Nzimande 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Nzimande

Mphephetwa,
Mdluli,
Ngwekazi, Gwala,
Mancama ngesinkw’esikhulu,
Wena owasukel’isigodo simuka nomfula uth’inyama,
Manda kulandulwa,
Vilakazi,
Xam’odla ngomsingizane,
Mhlandla!

Ndovela Clan Names
Ndovela Clan Names

Iziduko zakwa Ndovela; nkala ugumla kakhesha, umadukuda usongo langena enywen lakhishwa ngesgcum sobuhlalu uvengwa, umjanyelwa Read more

Izithakazelo zakwa Nduku 😍 Nduku Clan Names
Izithakazelo zakwa Nduku 😍 Nduku Clan Names

Izithakazelo zakwa Nduku, if you know more of Nduku clan names, please add them to Read more

Nyembe 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Nyembe

Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont’oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand’amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!

Mathonsi clan names❤️
Mathonsi clan names❤️

Mathonsi, Dunga, Mwelase, Madondo, Mazibuku, Nontandokwela, Wena owela ngezimpambosi zemifula abanye bewela ngezibuko, Mquhe!

Inkonjane iwele enkundleni
Inkonjane iwele enkundleni

Inkonjane iwele enkundleni∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: