clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Nyembe 😍 Izithakazelo

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa-Nyembe

Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont’oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand’amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!

Previous

Ningaphambanisi isiZulu

Next

Nzimande 😍 Izithakazelo

3 Comments

  1. Ngifisa ukwazi umlando nengenvelaphi yabantu bakwaNtsele ngoba ngeke ngizwe abanye bethi samaHlubi manje ngiyadideka noma mhlambe ukwazi lwami luncane

  2. ulwazi nemvelaphi yomuntu ibalulekile kufanele siyivikele emvelaphi yethu ma africa ulusha luqhubeke ngo kuziqaja sebenolwazi uluthuthukile phambili ngokuxhumana ma africa nani boskhandia

  3. Sibonge ngolwa enisichathazela lona, kininonke ndlu kaZulu ngiyanicela futhi ngiyaninxusa qhubekani nokwazisa ngokubaluleka kokwzi'mvelaphi yakho, ningaphel'amandla. Ngiyabonga

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: