Yimpi yakwamabon’abulawe∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka.
Inkukhu nempaka
Inkukhu nempaka∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana.
Usifumbu ubona uqhaqhazela
Usifumbu ubona uqhaqhazela∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho.
Ungayishayi ingede ngoju
Ungayishayi ingede ngoju∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge.
Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze
Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.
Umthente uhlaba usamila
Umthente uhlaba usamila∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane.
Umkhumiso usulingene izintondolo
Umkhumiso usulingene izintondolo∼Okusele sekulingene abanikazi bakho.
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.
Ukhamba lufuze imbiza
Ukhamba lufuze imbiza∼Ingane ifuze umzali wayo.
Sobohla Manyosi
Sobohla Manyosi∼Uyophela umbuso.