clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: November 2016 Page 4 of 5

Impi isesendeni

Impi isesendeniKuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye.

Imiphanda ibulawa izakhelani

Imiphanda ibulawa izakhelaniAbantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.

Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo

Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakuboIlowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo.

Ikhiwane elihle ligcwala izibungu

Ikhiwane elihle ligcwala izibunguInto enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi.

Ibhizela labulala indlovu

Ibhizela labulala indlovuUmuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.

Engakhali ifela embelekweni

Engakhali ifela embelekweniUma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale.

Enethunga kayisengeli phansi

Enethunga kayisengeli phansiUmnini wento akahlupheki ikhona.

Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe

Amathanga ahlanzela abangenamabhodweIzinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo.

Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele

Bahlangene phezulu kanti phansi bangamaheleBenza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga.

Ayikho inkomo yobuthongo

Ayikho inkomo yobuthongoImpumelelo iyasetshenzelwa.

Page 4 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: