clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: November 2016 Page 3 of 5

Inxeba lendoda alihlekwa

Inxeba lendoda alihlekwaUngabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe.

Into yomuntu umhluzi wempisi

Into yomuntu umhluzi wempisiUngabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa.

Inja iyawaqeda amanzi ngolimi

Inja iyawaqeda amanzi ngolimiKancane kancane koze kulunge.

Inkomo ingazala umuntu

Inkomo ingazala umuntuNgeke kwenzeke lokho.

Intendele iwel’enkundleni

Intendele iwel’enkundleniInhlanhla izizele.

Intendele ibindwe isidwa

Intendele ibindwe isidwaUkuhlakanipha kuphelele ezeni.

Inkonjane yakhela ngodaka

Inkonjane yakhela ngodakaUmuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.

Inkonjane iwele enkundleni

Inkonjane iwele enkundleniUmuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.

Ingwe idla ngamabala

Ingwe idla ngamabalaUmuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.

Induku enhle igawulwa ezizweni

Induku enhle igawulwa ezizweniIntombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni.

Page 3 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: