clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: April 2019 Page 1 of 39

Izithakazelo zakwaSithole

Sithole Clan Names

Clan Names : Sithole

Jobe !

Mondisa!

Phumela phandle ngoba kufudumele

Matshana!

Mhlakaza nhlansi zingamshisi

Ziyoshis’ abalondolozi

Maphitha!

Mthembu waseGubazi

AbaThembu bengabakwaMvelase

Ngqikazi zimnyama zingamankankazana

Nyama kaMaqoqo

Abayidla beyidonsisana

Nina bakaMgidi wekhohlwa

Nina bakaThakazelwayo

Nina bakaMqolo

Owadl’ omuny’ umqolo

Nina bakaDidiz’ umkhaba

Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe

Lwandl’ oluhambezintabeni

Nina baseQhudeni

Jozana olubomvan’ olundakandakana

Qomond’ olumantinyane

Olubuk’ umuntu lumethembise

Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!

Nina bethole intshwabadeyane

Mthiyane Sonomo

Nina bakaMkhwawozi

Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka

Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi

Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.

Ngweny’ edlel’ ohawini

Nina baseNyongweni

Chakijana kaGezindaka

Suka bekhuluma!

Bhande kaMtshiba

Mahamba!

Ngokuhamb’uyeSwazini!

Luhuluhulu!

Nyokeni!

Nina baseLangeni!

Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka

Nadlula nawel’ uThukela

Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!

Mr

Ntshali,mduma,hlabangane,sicengce

mahlangu praisename

ngicela ongangi size ngesi thakazelo sakaMahlangu in fully details

Magagula Mthombeni

ngicela isinanazelo sakwaGamedze

Izithakazelo zakwa Mahlaba

Mahlaba
Junda
Mbonani
Nhlangambili zingaba ntathu
Ziyaqhoboka!
Silwa ngosana amadoda elwa nge mkhonto
Wena ka ndingindwane odla imikantsha
Wena oka mphanzela!!!

Madonsela

Madonsela

Izithakazelo zakwa Mmango

Mmango
Wena owehla ngesilulu
Utekhaya

Izithakazelo zaka Ncikazi

Imvulaphi. bathibadabuka eSwazini

Ngicela usizo

Ngicela Owazi Isithakazelo sakwa Nsibande nemvelaphi yakhona

izithakazelo zakwa Magoso

  • Magoso
  • Hlabane
  • Hlanguza
  • Gela
  • Nontanda kbukwa njengezhlabathi zolwandle
  • Sonani esngoniwa umuntu esoniwa umhlanjana wezinyamazane nje kuphela
  • Mathula avume athi mmh !!!

Page 1 of 39

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: