The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.
Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.
AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…
Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…
Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…
Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…
Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…
Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…
Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu
Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa.
🔍 Search here 🔍+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos
Elias Mziwenhlanhla Dlamini
ULatha uzalwa uDlomothi, Ngesikhathi kuhlukanwa njengoba kuthiwa nina enehla uBombo ngokuhleteleka. Ngizobala amakhosana alendlu. ULatha uzale uZulu. UZulu hayi uZulu Malandela. Uzulu wazala UMashwabada, Ntshawe, Dada,Nceka kanye noMshengu. Bonke abantu bakwaLatha baphuma kulamadodana kaZulu. Kukhona ke abanye bakwaLatha asebakhohlwa nukuthi bangoDlamini. Baye bazibize ngoNdabezitha. Angazi noma ukungazi noma ukudideka. Ngoba bayindlu kaMashwabada. UMashwabada iyona nkosana kaZulu, uZulu wakwaDlamini.
Yingakho abakwaDlamini Latha uma bebongela uma sebeqede ukudla inyama. Baye bathi Dlamini, Dlamini, Latha, Zulu. Lesisizwe esekhohliwe ukuthi singoDlamini. Uzobathola eMgungundovu kuze kuyoshaya koRichmond., nakoseMkhomazi. Nabo baphuma enkosini uMashwabada. Bazalwa inkosi uMphahlwa eyayinamakhosikazi amathathu. Bazalwa indodana kaMphahlwa okuthiwa uTonqana.
Amakhosana/noma amkhosi kuze kube manje. Latha, Zulu,Mashwabada,Jokozela, Mphahlwa ,Mahleza,Magwetshana,Ndukuyakhe,Piti,Mduduzi ozala uSibusiso kanye noThuthuko. Ubukhosi balendlu buphele emva kokukhothama kukaMahleza. UMahleza ubephelila early 1900. Ngesikhathi umbuso wamabhunun uthatha izwe kulapho konakala khona. Isizwe sakwaLatha ngesikathathi inkosi uBhambatha Zondi elwa namabhunu naso sasikhona. Ngempi yaseNcome kunelinye iqhawe lakwaLatha Dlamini elalyibambile impini elahlabana kakhulu ngemphi yaseNcome okuyindodana kaDada,Igama layo uMhlakazanhlansi. Izibongo zalo leliqhawe nguMhlakazanhlansi zosala zibashise ozalwa noZiduna. Isizwe sikaMhlakaza uzosithola eMakhabeleni,Msinga kanye nakwaZulu.
Okunye okubalulekile inkosi uMahleza iyona eyasabalalisa umentshisi KwaZulu. Njengoba abantu babephehla uzwathi. Lokho kwayenza ukuba icebe kakhulu. Lokhu yayikwenza ingakabekwa isabanjelwe uyise uKhondlo. Ukhondlo nguyena ozala uCwazibe. Uye uzwe ke kukhona abazibongela ngomfazi omabele amade oncelisa ingane ngaphesheya komfuna. Inkosi uMahleza yaze yayofika ezweni likaTembe idayisa umentshisi isuka eMsinga. Kulapho yafika yalotsholelwa inkosi yakwaTembe unkosikazi wokuqala. Uma seyibuya ekhaya amaLatha athi ke akusiyena unkosikazi ngoba akalotsholwanga isizwe sakwaLatha. Kungakhokhe kwabe sekuthiwa akathathe intombi yasebukhosini bakwaNgubane.
Yabe seyiphinda yathatha intombi yakwaDlomo emakhabeleni.
S M Dlamini
hi Dlamini ngicelanje ukuxhumana nawe kungaba noma iemail,nath soDlamini jokozela bt siphela lapho syafuna ukwaz ngabazalwa nokhokho uNovuma
sibodlamini2015
hi my email add is SiboDlamini@justice.gov.za
Qiniso Miya
San’bona,bengisacela ningiphe umlando ngo Miya ondlangisa
Mbathastan
Mzimkhulu
Sicela usicobelele olunye ulwazi onalo ngama Zizi akwa Miya.
Admin
mzimkhulu miya
the president know about us and ZULU KING knows our history very well but somebody choose to forget about us no history of the zulu’s without AMAZIZI even those who cross the river running away from king shaka. please somebody must tell the truth about the miya’s history.
khetha
Sanibona, bengicela nike nithi ukunaba ngoDlamini-Malandela onyanya, ukuthi bona kwenzakalani ngabo!!!
ntombikayishelwa
odlamini malandela ozumane kandandaba imfolozi enyam ekhatha amawethu ewela amanhla iwela amazansi nasentendeni yesandla iyanela nyanya omnyama
ondaba omkhulu they coming from Edlebe near to Nongoma ,lundi n there is a river that called Mfolozi emyana n emhlophe bt the Dlamini people come from dere their ,they wer fughting dere nat dt tym the king was nyanya
MaDlams
Ngiyabonga ngokwenaba ngesithakazelo sami, bengazi ukuthi ngingu Malandela kodwa, okunye bengingakwazi kahle.
benard
Anginalo kodwa kahle nami ulwazi ngowasemahlabathini umalandela kwanongoma onyango