Isibongo nesithakazelo sakwaManyathela

Izithakazelo: Manyathela

Manyathela,
Mwelase,
Mthombo,
Zwangobani,
Wena ongaweli ngazibuko, owela ngezihlengele zomfula
Nkomzwayo kaMaphoqo,
Masina kaNkobe,
Thokoza kaNcikazane

Abanye bathi bazazi zihaywa kanje:

Manyathela
Mwelase!!!,
Mthombo,

Wena ongaweli ngazibuko,
owela ngezihlengele (omalokazane bathi ngezimpambosi) zomfula.

Nkomzwayo kaMaphoqo,
Masina kaNkobe,
Thokoza kaNcikazane

Abatheza izinkuni zingothiwa, zothiwe ngomkhonto.

Abavula ulwembu, balwevale.

KaNcikazane!

Indawo lapho kukhona inzalo yakwaManyathela, kuseDundee nezigodi ezimaduzane nalapho. eNorth West, Limpopo naseZimbabwe.

Umlando uthule ngokuthi wayeqhamuka ngaphi uMthombo, kodwa ingazathi ubaba wakhe wayevela ngasendaweni eseduzane naseMkhomazi.

Ake sithi khumu.


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

1 thought on “Isibongo nesithakazelo sakwaManyathela”

  1. Nkomzwayo not omzwayo njalo Zwangobani born of Makhehlelele is not part of izthakazelo.

    Reply

Leave a Comment