Izithakazelo: Manyathela
Manyathela,
Mwelase,
Mthombo,
Zwangobani,
Wena ongaweli ngazibuko, owela ngezihlengele zomfula
Nkomzwayo kaMaphoqo,
Masina kaNkobe,
Thokoza kaNcikazane
Abanye bathi bazazi zihaywa kanje:
Manyathela
Mwelase!!!,
Mthombo,
Wena ongaweli ngazibuko,
owela ngezihlengele (omalokazane bathi ngezimpambosi) zomfula.
Nkomzwayo kaMaphoqo,
Masina kaNkobe,
Thokoza kaNcikazane
Abatheza izinkuni zingothiwa, zothiwe ngomkhonto.
Abavula ulwembu, balwevale.
KaNcikazane!
Indawo lapho kukhona inzalo yakwaManyathela, kuseDundee nezigodi ezimaduzane nalapho. eNorth West, Limpopo naseZimbabwe.
Umlando uthule ngokuthi wayeqhamuka ngaphi uMthombo, kodwa ingazathi ubaba wakhe wayevela ngasendaweni eseduzane naseMkhomazi.
Ake sithi khumu.
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
Anonymous
Nkomzwayo not omzwayo njalo Zwangobani born of Makhehlelele is not part of izthakazelo.