Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to see pictures

Asilungise iphutha:

abakwamkhize banga”bambo”.
lokhu okuthi ” nina enalala nomunwe navuka nakhwifa ilanga akukho ezithakazelweni zakwamkhize, ngoba abakwamkhize abasiwona ama”lala”. bangabambo. kodwa lokho uyokuthola kusetshenziswa yilezo zibongo ezingena ngaphansi kwalaba abasesigabeni sabaziwa ngokuthi bangamalala njengesibongo sakwa ngcobo, maphumulo, doncabe, gcwensa, nabanye nabanye abangaphansi kwaleso sigaba samalala.
abakwamkhize bangabambo abambo isigaba esithize, banezibongo ezingena ngaphansi kwabo kulesigaba sabambo, sithola ocebekhulu, magwaza nabanye.

kukhona amathonga ayisigaba esizimele nezibongo ezingena ngaphansi kwesigaba samathonga, kulezo zibongo zamathonga singabala utembe, umyeni, unxumayo kaphumphele, umashabane, nabanye nabanye.

kukhona abangena ngaphansi kwesigaba samantungwa. lapho ke singabala umabaso, ukhumalo, ukhoza, udlangalala, nabanye nabanye.
kube khona amalala wona analezibongo, ungcobo, udoncabe, umaphumulo, ugcwensa nabanye nabanye
kunesinyeke isigaba samadebe, labo ke bayisigaba esingathi ngesokwakhiwa ngoba bayisigaba esincane kakhulu, esabantu abadebezile ebusweni njenganabantu bakwamdunge, jili, mzizi, nabanye nabanye
lokhu ngikubhalele ephuzwini lokukhanyisela obengaqondi kahle ukuthi abambo abakwazi ukuba izigaba ezimbkli noma ezintathu kulezi ezibaliwe ngenhla.
abambo bakwamkhize abathakazelwa nakancane nje ngokuthi bangamalala njengoba kwabhaleka ngephutha emandulo. abakwamkhize bangabambo.
zonke lezibongo ezingaphansi kwesigaba samalala engizibalile ngenhla kuhlangene Γ±alezo engingazibalanga kodwa ezingaphansi kwamalala zithakazelwa ngokuthi zingama”lala alala nomunwe avuka akhwifa akhomba ilanga”.
kwabhaleka ngephutha emandulo ukuthi abakwamkhize bazigaba mbili, abambo bese futhi kubuye kuthiwe bangamalala.
ngiyabonga
[email protected]


More information is available on our YouTube channel