Bafowethu nodadewethu, kukhona amagama esingisi esinomkhuba wokuwasebenzisa uma sikhuluma ngoba singenaso isiqiniseko sokuthi abizwa ngani ngesizulu.iZuluring iqala umkhankaso wokusikhumbuza lawo magama.Maningi kakhulu kodwa siqala ngalawa alandelayo:
Ulozolo (Beautiful melody)Isibonelo:Ngizwe nge-melody ngizihlalele ngicabanga.Ngizwe ngolozolo lomculo ngizihlalele ngicabanga.Gxila (Concentrate)Isibonelo:Kuzomele uconcestra-yi-theh impela kulawo magama.Kuzomele ugxile impela kulawo magama.Izicoficofi (Junk food)Isibonelo:Ukudla kakhulu i-junk kuvala inhliziyo.Ukudla kakhulu izicoficofi kuvala inhliziyo.