Bafowethu nodadewethu, kukhona amagama esingisi esinomkhuba wokuwasebenzisa uma sikhuluma ngoba singenaso isiqiniseko sokuthi abizwa ngani ngesizulu.
iZuluring iqala umkhankaso wokusikhumbuza lawo magama.
Maningi kakhulu kodwa siqala ngalawa alandelayo:

Ulozolo (Beautiful melody)
Isibonelo:
Ngizwe nge-melody ngizihlalele ngicabanga.
Ngizwe ngolozolo lomculo ngizihlalele ngicabanga.
Gxila (Concentrate)
Isibonelo:
Kuzomele uconcestra-yi-theh impela kulawo magama.
Kuzomele ugxile impela kulawo magama.
Izicoficofi (Junk food)
Isibonelo:
Ukudla kakhulu i-junk kuvala inhliziyo.
Ukudla kakhulu izicoficofi kuvala inhliziyo.