πŸ’›

izithakazelo

Luvuno Clan Names

Izithakazelo zakwa Luvuno

Malembe,
Mthiyane, Cebisa,
Dladlami, Makhaza, Mlotshwa,
Ndawonde, Jele, Nhlapo,
Khabela, Mchwechwe
Madlamalala!

Admin notes: Omunye usibhalele wathi yena uzazi kanje ngezansi:

Mthiyane Cebisa Dlalami
Ombikazi Mdlada
owabizwa zimvundla
Wavuma
Ingani akavumanga nakuMalandela
oguqe ngamdolo aze aphucuka
eguqela inkunzi yako Khali
ethi Mdlada vuka izitha zakho
ziku tamele
Isilwane saseGudu
esaguduza endlebeni
saze saphuma
Mthiyane onuka amakha abanye
benuka amanzi
uHay! hay! nami sengizokufa
indlukayezane ngabe ayifanga
ukuba awuzange uyehlele ngaphezulu
Wena kahamu kahamu
osifuba singungubele
nyakana sabhoboka
umuntu uyozizwa izindaba
uncede omakhahlambana
abathi bemupha
Mthiyane.

πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 UTube Channel

Previous

Luthuli Clan Names & History

Next

Mabanga, Meaning, Origin & History

3 Comments

  1. Malembe

    Nqobo kaLuvuno,wena oweavuna abaliwayo
    inqina lamjompofu ngokuzala abampofazane ,
    sodingaze .Mkhonto ocije macalonke
    Jilela.

  2. Awubuze ngampela uhlangana kanjani uNdawonde no Luvuno?

  3. Ungena kanjani uNdawonde KwaLuvuno ??

    Help with clarifying History.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026