πŸ’›

izithakazelo

Luvuno Clan Names

Izithakazelo zakwa Luvuno

Malembe,
Mthiyane, Cebisa,
Dladlami, Makhaza, Mlotshwa,
Ndawonde, Jele, Nhlapo,
Khabela, Mchwechwe
Madlamalala!

Admin notes: Omunye usibhalele wathi yena uzazi kanje ngezansi:

Mthiyane Cebisa Dlalami
Ombikazi Mdlada
owabizwa zimvundla
Wavuma
Ingani akavumanga nakuMalandela
oguqe ngamdolo aze aphucuka
eguqela inkunzi yako Khali
ethi Mdlada vuka izitha zakho
ziku tamele
Isilwane saseGudu
esaguduza endlebeni
saze saphuma
Mthiyane onuka amakha abanye
benuka amanzi
uHay! hay! nami sengizokufa
indlukayezane ngabe ayifanga
ukuba awuzange uyehlele ngaphezulu
Wena kahamu kahamu
osifuba singungubele
nyakana sabhoboka
umuntu uyozizwa izindaba
uncede omakhahlambana
abathi bemupha
Mthiyane.

Previous

Luthuli Clan Names & History

Next

Mabanga, Meaning, Origin & History

5 Comments

  1. Anonymous

    Mthiyane Cebisa Dlalami
    Ombikazi Mdlada
    owabizwa zimvundla
    Wavuma
    Ingani akavumanga nakuMalandela
    oguqe ngamdolo aze aphucuka
    eguqela inkunzi yako Khali
    ethi Mdlada vuka izitha zakho
    ziku tamele
    Isilwane saseGudu
    esaguduza endlebeni
    saze saphuma
    Mthiyane onuka amakha abanye
    benuka amanzi
    uHay! hay! nami sengizokufa
    indlukayezane ngabe ayifanga
    ukuba awuzange uyehlele ngaphezulu
    Wena kahamu kahamu
    osifuba singungubele
    nyakana sabhoboka
    umuntu uyozizwa izindaba
    uncede omakhahlambana
    abathi bemupha
    Mthiyane.

  2. so lezithakazelo ezinikwe abakwaMalembe akuzona ,asibona oCebisa thina singo Nqono kaLuvuno

  3. Malembe

    Nqobo kaLuvuno,wena oweavuna abaliwayo
    inqina lamjompofu ngokuzala abampofazane ,
    sodingaze .Mkhonto ocije macalonke
    Jilela.

  4. Awubuze ngampela uhlangana kanjani uNdawonde no Luvuno?

  5. Ungena kanjani uNdawonde KwaLuvuno ??

    Help with clarifying History.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026