πŸ’›

izithakazelo

Author: Mwelase Page 15 of 69589

Mancoba Clan Praises

Ndzaba Mwelase Msuthu khokhozela njengelifu lemvula Mabandla ka Gasa Vezi Vangane Sishuba Buzini bhili Mancoba Bhincelehlangeni Mzizi Ngajuse Majozi Mqhamo Into ezibomvu into ezehla ezinkahlambeni Entabeni zishubele ngenqatha lehashi ihlub’elihle lakwa Dlamini!

Izithakazelo zakwa Mpembe clan names

Mpembe, Nzimangwenya muthi omkhulu ongakhiwa amavula owakhiwa izikhuthali kazi, Nina Bo gxamalaza enagxamalaza nikhipha abakwa Phuthini, Bo Mazibuko!!!

Mthambe clan names & Origin

Mthambe
Mhhula
Mhhula I
Xirambeni
Kaxitlutlu
KaNkunzane

According to my grandmother, the Mthambe clan are found in Xai – Xai Mozambique.. Please add more history and clan names !

Izithakazelo noma izibongo zakwa Masimula (Masimula clan names):

ZULU and SWATI:

Masimula!
Boyane,
Bangela,
Mthiyane,
Zambule,
Mgabhi, wena ogabha ngamashoba amabili ezinkomo abafokazane begabha ngezandla,
Gusundwane,
Chinswayo,
Mnguni omnyama, angamhlophe ufuze konina,
Zobhi zamahlathi,
Ntuntwane zikhweya ngothi, ziludwendwe zibheke koMashobane.
Vezi,
Biyela,
Nkomo,
Mhlophe,
Nina baka Mngcanjana kuvele mungcanjane,
Nina bensimi eyavuma emngceleni yaze yayovuma sinyikithini,
Nina bakamugxala kawungeni uyathantalaza,
Nina baka Chaphane manzana ngokuwela imifula nemifudlana,
Nina bakakhweya umuntu entabeni, bathi niyofa nini banisike izihlangu abafo nabafokazane,
Nina enibuya lakungabuyi khona muntu,
Nina eniphuza kwezinde iziziba !!

NDEBELE

Masimula!
Mbonani,
Migidi,
Mlotshwa,
Lekere
Ngulube azembelani,
engembelenye iyaquba,
umakhonza akhonzele futhi abanye bakhonze bagoduke,
Umfazi wamabele amade amunyisa ngaphetsheya komlambo,
iligwa nelingwana,
Mgidi wako dumako,
Mlamuli wakomagwabo,
Ngowalamul’ inkunzembili zisilwa,
Yindumandumane eyadum’ ezizweni,
Bathi uMlotshwa ngwakuphi na? nguMlotshwa wako zingelwako, abamfunako abamkereyi,
bamkereya ngokumlalamela,
lekere wako Dzubha !

Page 15 of 69589

Β© 2026