clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: Izisho

Izisho nezichazelo zazo

Izisho nezichazelo zazo

Isisho – Abafana boqunga
Incazelo – Imikhovu (omantindane)

Isisho – Amanzi amponjwana
Incazelo – Utshwala besizulu

Isisho – Insakavukela umchilo wesidwaba
Incazelo – Into eyenziwa njalo

Isisho – Izilo zokwelamana
Incazelo – Abantu abazalwa mfazi munye

Isisho – Ugwayi kakholo
Incazelo – Umuntu ongathanga chi

Isisho – Ukubhekwa isambane
Incazelo – Ukuba neshwa lokungaphumeleli

Izisho ezintsha

Izisho ezintsha 

Zikhona nezisho ezintsha ezisungulwe ngesikhathi sezinto zabelungu. Okusho ukuthi izisho zesimanje ezaziwa yintsha.

Uma umuntu ezwa umZulu omusha ethi: ‗Ngasala ngiphemile.‘ UmZulu omusha yena usuke esazi ukuthi lowo osalile usale ezimisele. Kanti abangaphambilana kwalaba bantu abasha bona babethi:
Ngisale ngiflashile.‘ Nakho lokho kunencazelo efana nengenhla. Esinye isisho esisha sithi: ‗Uzosala phansi okwamabheshu kubhulukwa.‘ Okusho ukuthi wena oqhuba ngenqubo endala uzosala phansi ngoba itshe seligaya ngomunye umhlathi manje.

Omunye angathi: ‗Wabuza ibhasi libhaliwe.‘ Okungukuthi wabuza ubona. Kokunye uzwa umuntu omusha ebiza omunye ethi: ‗Swidi lami lomkhuhlane,‘ eqonde ukuthi uyisithandwa sakhe lowo akhuluma ngaye. Nazo izisho njengazo izaga ziyinkulumo ecashile engeze yaqondwa kahle abantu abankashela ulimi bengazange baluncela ebeleni.

Abantu abaluncela ebeleni bangakhuluma ukhona bakweqisele ungezwa uma wena ulufundile kodwa ungaluncelanga ulimi. Uma umZulu ethi: ‗Ubengathukuthele ubegane unwabu,‘ okusho ukuthi lowo muntu ubethukuthele kakhulu. Uma umZulu ethi: ‗Lowo ukhala esikaNandi.‘ Lesi sisho esisha esavela ngemuva kokukhothama kweNdlovukazi uNandi unina weLembe.

Umlando uthi ngemuva kokukhothama kukanina iNkosi uShaka yadabuka kakhulu yakhala kwaze kwaphenduka unyaka kuziliwe kungalinywa, amankonyane ezincelela konina kungasengwa. Abantu baqala bafa ngenxa yendlala, befa belandela amathimba ezintombi andlalela iNdlovukazi. Kwakhalwa ungokhala KwaZulu.

Uma abantu behlangana neZulu eliphezulu babeqhola amehlo abo ngogwayi ukuze amehlo akhale kube sengathi bayakhala. 177 Kwaze kwasuka uGala kaNodade wakwaBiyela ezinkalweni zaseMbongolwane, wasuka wazidela amathambo waqonda ngqo kulo iZulu eliphezulu. Umlando uthi kwezwakala ngaye lo mfo waseSiweni Samanqe eseyibonga iNkosi.

Kwathi ukuba ayibone iNkosi, wayisola kakhulu ngalesi sililo sikanina esiphoqela kubantu. Wayebuza ukuthi njengoba abantu befa nje, uzobusa bani ngomuso. INkosi yabonga, yamxoshisa ngezinkomo. Sanqamuka-ke isililo, kwaqala yayekwa inzilo.

Uma-ke umZulu ethi: Ukhala esikaNandi kanti awuyena umZulu futhi awuwazi umlando, angeke uqonde ukuthi kukhulunywa ngani. Yingakho-ke kuthiwa izisho nezaga ziqukethe umlando.

Izisho

Izisho 

Ngenxa yokuthi ulimi luyakhula sekukhona nezisho zesimanje. Izisho ezindala ziya zihlehla kuvela izisho ezintsha. Kunezisho zamanje ezaziwa intsha engaziqondi nhlobo inqwaba yezisho ezindala.

Nazo zamukeliwe ngoba ziyindlela yokuxhumana futhi ziyaphumelela ukubaxhumanisa abantu. Abacwaningi baqaphela ukuthi isisho asiyona inkulumo egcwele kodwa siyibinzana lamagama adinga ukuphaswa ngamanye amagama ukuze anike umqondo opheleleyo.

Ngaphandle kokuba umuntu awazi umlando esisuselwa kuwo izisho angase angazi ukuthi kukhulunywa ngani. Uma umZulu ethi: ‗Kuzofa gula linamasi.‘ Umuntu ongalazi negula angayazi kanjani incazelo yalesi sisho esidala kangaka? Kungase kungasizi ukusisebenzisa lesi sisho uma kanti negula uqobo lingaziwa. Uma kokunye umZulu avele athi: ‗Ngibambe elentulo.‘

Bexoxisana ngotho oluthile lona oxoxiswayo esho njalo, lokho kusho ukuthi ukholwa yinkulumo efike kuqala. Nokho ukuze ezwe lona okhulunyiswayo, kufanele ukuba uyayazi ‗insumo yonwabu nentulo.‘

Uma lona okukhulunywa naye engayazi le nganekwane, ngeke aze azi ukuthi kukhulunywa ngani uma engayazi le 176 nganekwane yasendulo. Ziya zilahleka kanjalo-ke izisho ezindala, zidedela izisho ezintsha.

Izaga nezisho

Izaga nezisho 

Njengoba ikhaya liqhubeka nezimfundiso zalo, abantwana libafundisa nokukhuluma okuphusile.
Ukukhuluma okuvuthiwe yikho ukusebenzisa izaga nezisho enkulumeni.

Isaga siyinkulumo ecashile kodwa enika umqondo opheleleyo. Isaga siyinkulumo emi kanjalo engaguquki elokhu yama kanjalo kwanininini.

Isaga siyinkulumo eseyabonwa ukuthi injalo futhi engenakuguquka. Nazo izaga njengenkulumo yobuciko, zikhona ezokunqanda abantwana abangezwayo abadukayo endleleni.

Le nkulumo iyabakhalima ibabuyisele endleleni. Isaga njengenkulumo eseyahlolwa ubuqiniso bayo silusizo kakhulu ekukhuliseni abantwana futhi isaga siyilifa sivela kokhulukhulwane siyinkulumo enesihumusho esisodwa inkulumo enamaqiniso angaphikiseki.

Izisho

Ngezansi izisho kanye nezincazelo zazo.

Isisho Incazelo
Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo. ∼Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo.
Ukuba mtshingo ubethwa ngubani ∼Ukuba intandane.
Ukuba nenhliziyo engaphandle ∼Ukuhaha.
Ukuba nkomo ∼Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi.
Ukuba yinyoka ∼Ukuba nobuqili obufihlakele.
Ukubamba isisila sehobhe ∼Ukuthembela entweni engenampumelelo.
Ukubeka icala ∼Ukumangalela umuntu.
Ukubeka inkunzi ∼Ukuphawula inkunzi.
Ukubhodlela emswanini ∼Ukukhala emva kwendaba.
Ukubhongela emswanini ∼Ukukhala emva kwendaba.
Ukubophela amanqina enyathi ∼Ukwakhela uzungu.
Ukubukana ngeziqu zamehlo ∼Ukungezwani.
Ukubulala inyoka ∼Izinto noma abantu abaningi.
Ukubuya inhlazane ∼Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa.
Ukubuya nembande yesikhova ∼Ukuba neshwa ungaphumeleli entweni obuyizama.
Ukucela induku ∼Ukwedelela okudala impi.
Ukuchathazelwa kwelengane ∼Ukuxoxelwa izindaba ezingandile.
Ukuchitha kwenkabi ∼Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile.
Ukuchunywa imfuyo ∼Ukwandelwa imfuyo.
Ukucupha uchuku ∼Ukwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi.
Ukudla impundu ∼Ukuba umuntu okhohlwayo.
Ukudla ubhedu ∼Ukuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo.
Ukudla udaka ∼Ukuhlupheka.
Ukudukuza oswini ∼Ukungabi namqondo, udidekile.
Ukufaka kwenkomo ∼ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.
Ukufaka Umunwe esweni ∼Ukwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo.
Ukufinya ngolimi njengenkomo ∼Ukuhlupheka.
Ukugaqela eziko njengengane ∼Ukuzisondeza engozini.
Ukugodla ubisi ∼Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.
Ukuguda inkomo ∼Ukusenga inkomo engasenankonyane.
Ukugxaza amanzi njengencuba ∼Ukuhlupheka, ukuba mpofu.
Ukuhlaba usentu ∼Ukuqhwitha umhlabathi.
Ukuhlahla inhloko ∼Ukuklabela ukhanda lwenkomo.
Ukuhlala phezu kwezikhali ∼Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka njengokuhlaselwa.
Ukuhlamba imikhonto ∼Ukuhlaba izinkomo emva kwempi.
Ukuhloba kobisi ∼Ukuvuthwa kobisi.
Ukuhosha umongulo ∼Ukusenga izimfihlo.
Ukuhudula izikhumba ∼Ukuhona
Ukujikela eshobeni ∼Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona.
Ukukhipha inhlazane ∼Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga.
Ukukhiphela inkonyane ∼Ukukhipha inkonyane enkomeni efile.
Ukukhunga umntwana ∼Ukupha umntwana izipho.
Ukukhwela phezu kwendlu njengenja ∼Ukwedelela abadala kunawe.
Ukulala ngenkomo ∼Ukuzivikela.
Ukulala ngophondo ∼Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza.
Ukulandela amabheka ∼Ukufuza ekhabonina.
Ukuma ngenkomo ∼Ukuma ubambelele ehawini.
Ukumisa amanhlakomuzi ∼Ukulala ubheke phezulu umise amadolo.
Ukuncelisa amawele ∼Ukuyishaya emuva uyishaye phambili.
Ukuncelisa umbele ofile ∼Ukukhohlisa.
Ukunyathela ngabantwana ∼Ukuba nezitho ezinhle.
Ukuphehla uzuthu ∼Ukusukela umuntu noma abantu ngoba wethembe ubuqhwaga.
Ukupheka inyama ngomhluzi wenye ∼Ukuhlaba njalo.
Ukuphonsa kwenkunzi ∼Ukuhlaba kwayo lapho ilwa.
Ukuphuma amathambo ∼Ukukhumuka kwamazinyo obungane.
Ukuqhuba intwala ngewisa ∼Ukwedelela.
Ukuqhuma abathakathi ∼Ukuvela kwamazinyo enganeni.
Ukusenga inkomo nenkonyane ∼Ukungabi nasimilo.
Ukusenga ezimithi ∼Ukukhuluma amanga.
Ukusengela ophondweni ∼Ukonela umuntu into yakhe.
Ukusengela umuntu esigujini ∼Ukulutha ufake enkathazweni.
Ukushaya utshani ∼Ukuvele uhambe ngokushesha noma ukubaleka.
Ukushisela uphondo ∼Ukususa uthuthuva.
Ukusongela inkomo ingakahlatshwa ∼Ukukhuluma sengathi into seyenzekile ibe ingakenzeki.
Ukuthola isisu ∼Ukukhulelwa.
Ukuthola umntwana ∼Ukubeletha.
Ukuthwala ilunda ∼Ukuzazi.
Ukuzalela phansi ∼Ukushonelwa abantwana.
Ukuzichoma kumalunda ∼Ukuzithintela, uzithele enkingeni.
Ukuzizala ∼Ukuzala umntwana ofana nawe.
Ukweqa izinyawo zenkosi ∼Ukuba nochuku wenze izinto ezingakufanele, ezingekho ezingeni lakho, ezifanele abakhulu kunawe.
Ukweqela inkomo ∼Ukuvimba inkomo uyikhalime.

Ezinye izisho zizokwengeziwa kulezi ezingenhla ngezinsuku ezilandelayo, qhubeka ubheke.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: