Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Hlatshwayo surname origion IMVELAPHI YEGAMA ELITHI HLATSHWAYO. -uHlatshwayo wayengo wakwa Nkosi ebukhosini baseSwazini. Kwenzeka ukuthi omunye wabantwana basendlunkulu walala nodadewabo owayezalwa naye kunina. Wayesethi ke yena umndeni wakubo umhlabile ngoba umfowabo ulale nodadewabo ngakho usezibiza ngokuthi unguHlatshwayo. Isizwe saqanjwa nguye uHlatshwayo njengoba esephuma emndenini wakhe kwaNkosi ngoba ehlatshiwe eqa imingcele yaseSwazini afike akanise phezu koPhongolo kanye nabafowabo. Kuyilapho esezozala uNgwanya. (Another version) UHlatshwayo uyena owenza isenzo esamenza wadatshulwa, waxoshwa negama lakhe lakhishwa olibeni (lineage) lomndenini wakwaNkosi. Wabaleka wabe eshintsha igama lakhe waba uHlatshwayo. (Another version) UHlatshwayo noNgwane bazalwa inkosi uLanga. UHlatshwayo owayeyizibulo wayengeke abe yinkosi ngokomthetho wamaSwazi ngakho wasuswa eduze kwenkosana wabekwa eLucolweni abanye bathi eNgongweni. Lokhu kwenzelwa ukuthi angabangisi uNgwane. Igama likababa kaHlatshwayo alitholakali ngokugcwele, abanye ba uDlamini (don’t knw which one as there are 3), abanye bathi uLanga kaNkosi II. Ihubo lakwa Hlatshwayo: β€œWabulala amakhosi, ingwe yohlanga Mana nkonyane yohlanga, Ungwanya bamazi izwe lonke, izwe lonke Nkonyane yamaNgwanya, bayethuka Soka siwashise amankengane, sicwecwa izizwe”