clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Hlatshwayo Clan History

Hlatshwayo Clan Origin & history

It is said that the Hlatshwayo clan was originally Dlamini/Nkhosi.

The Hlatshwayo separated from the Nkhosi clan before Swazis were formed as a Nation. We then joined the Dlamini/Nkhosi again after the Swazi nation was formed. It was normal for clans to part ways and end up back together. To be historically accurate our clan came into being before the Swazi Nation was born, due to the Nguni and not Zulu wars, brothers were separated. Others went with Manukuza (Soshangana) Nxumalo to Moz to form the Gaza kingdom, while others were conquered and accepted Shaka’s overlordship and became amaZulu, while others still remembered ekhaya kwaNkhosi and joined the Swazi nation and became amaSwazi.
Less than two hundred years ago we were one.
Izibongo ezihlobene namaNgwanya:

Zikalala- both clans agree.

Nyalunga/Nyalungu/Mbethe/Mbetse- Hlatshwayos (in FB), disagree.

Personally I think the Mbethe/Nyalungu branch is definitely Hlatshwayo, formed by our brothers who left with Soshangane.

IMVELAPHI YEGAMA ELITHI HLATSHWAYO..
-uHlatshwayo wayengo wakwa Nkosi ebukhosini baseSwazini. Kwenzeka ukuthi omunye wabantwana basendlunkulu walala nodadewabo owayezalwa naye kunina.
Wayesethi ke yena umndeni wakubo umhlabile ngoba umfowabo ulale nodadewabo ngakho usezibiza ngokuthi unguHlatshwayo. Isizwe saqanjwa nguye uHlatshwayo njengoba esephuma emndenini wakhe kwaNkosi ngoba ehlatshiwe eqa imingcele yaseSwazini afike akanise phezu koPhongolo kanye nabafowabo. Kuyilapho esezozala uNgwanya.

(Another version)

UHlatshwayo uyena owenza isenzo esamenza wadatshulwa, waxoshwa negama lakhe lakhishwa olibeni (lineage) lomndenini wakwaNkosi. Wabaleka wabe eshintsha igama lakhe waba uHlatshwayo.

(Another version)
UHlatshwayo noNgwane bazalwa inkosi uLanga. UHlatshwayo owayeyizibulo wayengeke abe yinkosi ngokomthetho wamaSwazi ngakho wasuswa eduze kwenkosana wabekwa eLucolweni abanye bathi eNgongweni. Lokhu kwenzelwa ukuthi angabangisi uNgwane.

Igama likababa kaHlatshwayo alitholakali ngokugcwele, abanye ba uDlamini (don’t knw which one as there are 3), abanye bathi uLanga kaNkosi II.

AMAKHOSI NEMIZI YAWO-

1 Hlatshwayo-
–Mpalazane(umuzi)
2 Ngwanya—Ntamamhlop­­he(umuzi)
3 Cebisa-
–Nkunkunku(umuzi)
4 Sampekwane—KwaMabh­­eka(umuzi
)
5 Mhlaba1-
–Ezindeni(umuzi)
6 Mgogodlana–
-Entuluka(umuzi)
7 Siyendane-
–Ohlanyeni(umuzi) Ndonsamehlo(umuzi)
8 Mleshe-
–Epulazini(Mkhunyan­­e)
9 Mhlaba2-
–kwaHhohho(umuzi)
10 Mhlangano—KwaSokes­­imbone(uwuzi)
11 Thulanimangwanya kaMhlangano—KwaSok­­esimbone
12 Fipha kaMhlangano—kwaSok­­esimbone

Indlunkulu yamaHayise:
Langa
Hlatshwayo
Sophekwane/ Sompekwane
Cebisa
Ngwanya
Mhlaba I
Mgogodlane I
Siyendane.
Muleshe.
Mhlaba II.
Mgogodlane II (eSwazini)

Indlu yase Bergville:
Makwelela ka Mgogodlana1
Shali ka Makwelela
Novoyi ka Shali(Somtseu)
Siphiwe kaNovoyi
Thulani ka Siphiwe

Indlu yesithathu:

Manukuza kaSiyendane
Mgezeni kaManukuza
Bambuhlanga kaMgezeni

Indlu yaseGege:
Mahubhu kaMuleshe
Velamuva kaMahubhu

Amakhosi abusayo namuhla:
-uFipha ePiet retief
-uVili eDumbe
-uFisukwazi eNondweni(Nquthu)
-UThulani eBergville,

Wonke amakhosi akwaNgwanya angawesende likaSiyendane kodwa laba baseBergville bazalwa uMakhwelela ongumfowabo kaSiyendane.

-USiyendane wadinwa ukuya eSwazini waphendula iminyango wayokhonza eSilweni samaZulu uMpande kaSenzangakhona, washo ke ukuthi akasayi ukuyokhonza eSwazini. UMpande wamxhoshisa ngezwe lakwaNgwanya ngaphesheya komfula uPhongolo kuya eDumbe (Paulpietersburg) liwele umfula uPhongolo ligudle kuMahamba lithathe iPiet Retief liphelele ezintabeni zaseMabola

IZITHAKAZELO

KZN:
-Hlatshwayo
-Ngwanya!
-Mhayise
-Mabhengeta
-Phuphu laNdaba namhla ngenandaba
-Mshunguza ayigwaze engayigwazeli yena ayigwazela amankengane
-UNgwanya kangakanani nasentendeni yesandla uyahlala nasothini lomkhonto anganela
-Cebisa elimhlophe

ESwazini:

Hlatshwayo.
Mhayise waNgwanya! Cebisa lomuhle ngekucebisa emakhosi.
Ngele yaboGama,
Siyendane
Mabhengeta
Phuph’ laNdaba namhla indaba ingesiyo yakho.
Vezi lelihle likaMswayini, Khobobo
Masaphokati,
KaHlatshwayo akuvalwa ngemivalo kuvalwa ngemakhandz’ emadvodza. Mgogodlan’ owavel’ eziphunzini!
Sibadla benjalo bosomconjwana.

Swazini2:

Hlatshwako,
Mhayise Mpangalala,
Ngwanya,
C­­ebis’amakhosi,
Mabhe­n­geta,
Siyendane,
Mgo­go­dlane,
Ngele waGama,
Gidza elugogweni,
Khoboka Khuzekhulu ,
Sibadla banjalo bosomconjwana,
Mashiyam­­ahle (isithopho)
Masaphokati,
Ka­H­latshwayo akuvalwa ngemivalo kuvalwangema khandza ebantfu,
Mpangalala,
N­­khosi.
Sihlahla semanyeva sincutfwa ngemazembe ekubolekwa.
Ngwanya lowa buli ngonyama kwa vela ingwe. Wena lowa tfukutselisa Nkenyane batsi bayabhodla wagcuma wemela ngahlanye Basala ba bulalana bodvwa kwaze kwafa newekugcina kwa dala inhlekelele lenkhulu leyahlengwa ngema jabhane aka khobobo.. Bathe bambela Hlatshwako lithuna emihumeni, kantsi kuyongena bona.

IHUBO LESIZWE SAKWA HLATSHWAYO (Zulu):

“Wabulala amakhosi,ingwe yohlanga
Mana nkonyane yohlanga
“uNgwanya bamazi izwe lonke,izwe lonke
nkonyane yamaNgwanya bayethuka
Sokwa siwashise amankengane,sicwecwa­­ izizwe”

Previous

Mbhamali Clan

Next

Hlatshwayo origin

3 Comments

  1. Ntokozo Hlatshwayo

    Ngicela ihubo lakithi
    [email protected]

  2. Nqobile

    I’m a Hlatshwayo

  3. Stellar Sibusiso Hlatshwayo

    We the Hlatshwayo’s we are proud to know our origin/ ivhelaphi yethu. Siyabonga bo Mhayise

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: