Izithakazelo zakwa Hlophe
Thumbeza kamyeni,
Ntombi zenda ngonyezi,
Ezabafokazana zenda ngobumnyama,
Mahlekwana,
Nina enahlek’umuntu edlula ngendlela,
Dlezi!
eSwatini version:
Hlophe
Mabhengu
Mkhonkosi Lukambule Nabonkhosi Nabongwane Kukhala,
Jojo Nyonilenhle lengahlali phansi lendlalelwa esihlantsini
Samela !!
Zikhona izikibha nama-hoodies:
Whatsapp me by clicking this link





Unknown
Ok engikwaziyo mina ukuthi omteshane ohlophe kunomlando njengoba bezibiza ngomteshane kodwa nje bawohlophe ngokuphelele
Unknown
Yebo. Kwakunabantwana bakwaHlophe ekilasini elilodwa benamagama afanayo. Kwathathwa isinqumo sokuthi bahlukaniswe ngezibongo. Omunye wabo wayenomkhulu obizwa ngoMtheshana. Wabizwa ngegama likamkhulu wake kanjalo umntwana wakwaHlophe.
BONGEKA BHENGU
cela ukubuza abakwa BHENGU bahlobeneni nabakwa HLOPHE not MaBHENGU but BHENGU
BONGEKA BHENGU
abakwa BHENGU bahlobeneni nabakwa HLOPHE
Mkhonkosi
Bo mkhonkosi,mabhengu,bo bhengu akubona abakithi asihlobani nhlobo,thina ngingo MABHENGU
Unknown
Kanti ubani lo "Dlezi" futhi ezithakazelweni zakithi kwa Hlophe? Abazali bami baze badlula kulomhlaba bengakaze bayiphathe eyalo Dlezi.
Mxolisi
Hayi nami angiyaz eka dlezi ngihuye impela u Hlophe n odlelzi engibaziyo asihlobene nakancane nabo